INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 78

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 78

Kuthe ngakusasa indaba yokungena kwabakwaMabizela ezitokisini yayigcwele emaphepheni kubhalwe konke okubi ngabo ezinkundleni zokuxhumana (social media)

Kanti nomngcwabo ekhaya likaSaziso wawumkhulu kakhulu kodwa uSikhumbuzo USiphamandla noZwane babona kukuhle ukuthi bavele ukuzokweseka umfana ngaphambi kokuba balibangise ethekwini ukuyolungiselela ukufihlwa kukaMamthembu kuthe sekugcwele USiphamandla wasukuma njengokohlelo lwezikhulumi enkonzweni yomngcwabo kagogo wakhe owayelaliswe ebhokisini likanokusho kubekwe nesithombe esikhulu esibhalwe Mrs Harriet Ntshangase.

" Ngiyanibingelela nonke kulendawo ngibonga nje ukunikwa lelithuba lokuthi ngikhulume ngogogowami ngoba udlale indima enkulu empilweni yami. Ugogo ungikhulisile eyedwa ngemva kokuthi sishiywe umkhulu nokunguyena owayesinakekela nogogo kodwa washona asazi washonaphi okubuhlungu asazi noma uyaphila noma sewashona kodwa izicathulo zakhe neyembe kwatholakala ngasemasimini akwaMkhulu uMbhekiseni nikwathi makuphenywa kwalokhu kushona ofakazi lagcina liphelele emoyeni icala lakhona nokuyilapho saqala khona ukushintsha isimo sempilo kugogowami ngoba wayehleze enikela emaphoyiseni ukubuza ngokuphenywa kwecala kodwa akukho okwenzeka ngoba uMdluli oshonile uyena owayephethe icala wase elivala ethi asikho isidingo sokuqhubeka necala kulokhu kumoshwa izinsiza zikahulumeni. Wabuya ekhala ugogowami nami ngangimubuka eziqinisa efihla ukukhala kodwa ngenze engathi angiboni ngoba ugogo ubengafuni ukuthi kube khona okungikhathazayo, bengimubona ezama ukumoyizela esula izinyembezi ngokushesha uma ngingena(ukhuluma nje ziyageleza izinyembezi) umama angimazi kodwa naye wanyamalala ehamba ethole umsebenzi ethekwini wangagibela itekisi kwaba ukugcina kwami ukumubona. Ubaba yena wayesebenza khona lapha egoli naye wanyamalala eyo hiker yingakho ugogo wami wathi ngingalokothi ngi hiker ngoba akazi ukuth yini lena eyanyamalalisa abazali bami kuze kube namuhlanje ugogowami ushone enga hike ubekhonze isitimela noma ibhasi.. Ngicela ukunganwebi kakhulu ngicela nje ngokukhulu ukuzithoba ngibonge ubhuti sikhumbuzo okunguyena odindise impilo yami kwaze kwaba kabili ngicela usukume bhuti sikhumbuzo esho ema ukukhuluma, bonke baphendula amakhanda lasukuma igeza lensizwa neyembe lakhe elimbamba izingalo kuvele nezifuba wase evula ibhantshi lakhe elimnyama osisi bendawo bathatheka bonke wase ehlala phansi uSikhumbuzo bakhumbuzana izintokazi ngosikhumbuzo zakhumbula nobuqhawe bakhe enqoba uMdluli ephethe ucelemba.

" mmmh hawu wemaaah wamuhle ubhuti wabantu kusho izintokazi ezinhle ezazigqoke ukuhlonipha zikhulumela phansi.

" ubhuti sikhumbuzo usuke ethekwini weza lapha egoli ngiboshelwe into engingayenzanga wakhipha imali yakhe wakhokhela ummeli, ngaphunyuka emlonyeni wejele, kodwa akagcinanga lapho wabuya ngoba azi ukuthi isimo sami senhlalo silengela engozini njengoba ubebazi abantu bakwaMabizela ukuth banjani kanti uzobamba uBab Mdluli ezongibheca ngobende njengoba nibonile ezindabeni ukuthi uBab Mdluli ubefuna ngife ngiyakubonga kakhulu bhuti sikhumbuzo ongenzele khona ngiyokukhohlwa ngifile nalomngcwabo ube yimpumelelo kungenxa yakho wenze konke ngizitshela ukuthi ngiyoba yinhlekisa ngibonge nakubo bonke abafake isandla. Inkosi ikubusise sikhumbuzo kusho uSaziso wasebuka ibhokisi. 

" gogo udlale impilo enkulu empilweni yami ngiyabonga wase ehamba eyohlala phansi ekhala bamduduza izihlobo. 

Kwaduma ihlombe eside isikhathi abantu bethintwe amazwi akhe babuka noSikhumbuzo. Kwamangala abaningi sekungena ne Mayor yasegoli ukuzosingatha uSaziso ihambele umngcwabo okwakubukeka uzoba mncane.

KwaNtshangase babaziwa njengekhaya elihluphekayo kodwa ugogo kaSaziso wangcwatshiswa okwendlovukazi kwayiwa emathuneni wafihlwa ngesizotha nezimoto ezazihambele umngcwabo zatheleka ngobuningi ngoba uSikhumbuzo wenza ngakho konke okusemandleni ukuthi ukhokhela yonke ezodingeka umngcwabo kagogo waSaziso waze wadonsa namehlo abantu bezindaba igama lika Sikhumbuzo landlondlobala waziwa kakhulu ngoba ukulwa kwakhe nomdluli emunqoba kwasabalala ezinkundleni zokuxhumana wonke umuntu wesifazane ekhala ngo"Skhu❤️ abantu babethumelelana ivideo yakhe yahamba yaze yafika entombini yakhe uZama ephesheya wancoma eziqhenya ngesoka lakhe konke lokho kwenzeka ngosuku olulodwa Kuthe sekuqediwe konke uMayor wathumela wacela ukukhuluma noSikhumbuzo ngokukhethekile. 

" Nsizwa evelelwe unjani kusho Mkhize okunguyena ongamele igoli lonkana. 

" Ngiyaphila Mnumzane esho exhawula. 

" Mfwethu mani ngiyalizwa igalelo lakho nobuqhawe bakho kukhulunywa ngawe izwe lonke bexhawulana. 

" Ukuzama nje Mayor kuyajabulisa nokunconywa umuntu omkhulu esho emoyizela. 

" Manje nginesicelo kodwa angazi noma uzosamukela yini. 

" Yebo ngilalele. 

" Bengicela ube ngelinye lama Bodygaurd ami kusho uMayor emubuka phansi kwezibuko umkhaba evela phansi kwebhantshi. 

'' Ewu ngiyabonga ukuthi ubufisa ukungipha umsebenzi kodwa ngiyaxolisa ngeke ngikwazi ngenxa yokuthi ngishayela izindiza impilo yami iphesheya ngabuyiswa isimo esithile emveni kokuthi usisi was abulawele umyeni. 

" Oh kanti usemalini nsizwa yakithi kusho uMayor. 

" Cha ngiwumuntu nje ofana nawo wonke umuntu kusho u sikhumbuzo ezehlisa. 

" Ay ngiyakuzwa nsizwa kodwa wena ubungapuqulula inkohlakalo eningi kulomasipala kunuka phu inkohlakalo nokubulawana kwezukhulu kubangwa izikhundla ngiyakuhlonipha kakhulu nsizwa uqhubeke njalo nalobuntu onabo kusho iMayor iphinde imxhawula. 

" Ngiyabonga kakhulu baba. 

Babe sebevalelisana uZwane noSiphamandla basebelinde emotweni weza uSikhumbuzo bahamba baya emakhazeni lapho kwasekulaliswe khona uMkaZwane sathathwa isidumbu kwayiwa ethekwini kumuncu emotweni kunzima nokuhleka ngenxa yobuhlungu bezinhliziyo kodwa uSikhumbuzo wayelokhu ebaduduzile. 

Kwathi sebefika eThekwini bamufaka emakhazeni ethekwini kanti amaphoyisa azoshayela uZwane.

📲Baba ukhuluma noConstabe Nkambule ngishaya ngilapha ethekwini uMabizela uhambisana namaphoyisa ukuzokhomba insimu yakhe siyacela ukuzofanisa ithambo lenu khona siyazi sewabola kodwa okokugqoka kuthatha isikhathi ukubola.

📱Kodwa singakhomba kanjani esaba mathambo amhlophe umtanami kusho uZwane ehla izinyembezi.

📲Uma echaza maningi kakhulu izidumbu azigqiba ensimini kodwa kungenzeka lowo enimusolayo nithathe ithambo ahlolwe ulibofuzo.

📱Ngiyezwa siyeza kusho uZwane wase evala ucingo.

"" Siphamandla nawe Sikhumbuzo asisale silanda uMpume sinikele ePolice steshi uMabizela uzokhomba amathambo ezidumbu zabantu abangaziwa ezangena ensimini yakhe.

"Kulungile baba asinikeleni khona kuphendula uSikhumbuzo.

Bahamba batshela uMpume banikela esteshini. USikhumbuzo washayela abezindaba ukuze uMabizela azohlazeka ngokugcola akwenza. Kuthe nje seziphuma izimoto uMabizela wabona imoto yabezindaba nabamaphepha.

" Arghaah maan kodwa lemusoon yezinja kungani bathande ukudayisa iphepha ngamagama ethu.

Zahamba izimoto zaze zafika ensimini eyayishe izinhlanga zaba wumulotha ingavundile.

" Izimoto zamaphoyisa zangena esangweni elikhulu USiphamandla wafunda igama elibhaliwe elithi Mabizela Farm. UMabizela wabuka wonke amakhona ensimu yakhe.

" Mr Zwane ngicela wehle uze ngapha kusho iphoyisa libiza imoto

Wadilizwa uMabizela eqhutshwa eseyinto enezandla ezingasebenzi efakwe usigubhu somchamo nePampers, econsa amathe wabukana noZwane.

" vwane ungixolele kusho uMabizela ehluleka nokubuka uZwane emehlweni.

" zingakhi izidumbu owazigqiba kulensimu kubuza iphoyisa likhipha ihalavu linikeza abazogubha.

Wavele wathula nje uMabizela, kuthe esathule wamchatha umhlanga ungena ngemumva ukhuphuka umdabula endaweni yokuzikhulula wabonakala egxuma igazi liconsa enqoleni.

" Aaaaaaaahhhh aaaaaaaaaahhh aaaaaaaaaahh weeeeeeeehhh awwweeeeeeh mama weeeeeeeee kumemeza Mabizela impande imqunta ngemuva.

" Zakhuphuka izimpande bashutha abezindaba kwavunguza omkhulu umoya oyisivunguvungu zamthandela izimpande zamumunqamula isitho sangasese soku Chama.

'" Sizaaaaaaani awwweeeeeeeh ngafaaaaaah zwaneeeeee Zwane mngani wami, Zwane Zwwneeee aweeeeeeeh ngaze ngabuzwa ubuhlungu emhlabeni Zwane ngisize kuthe kusenjalo uZwane wavela eyisimo somoya wabonwa uMabizela yedwa.

[khombisa ubaba lapho wangigqiba khona esho emkinya wezwakala imilenze ijompuka yomubili zayishobodela izintanga USiphamandla wabaleka wangena emotweni uSikhumbuzo wabamba uZwane ukth angathinti lutho kwasuka esikhulu isivungu vungu amaphoyisa agijima angena ezimotweni uMabizela wakhuluma ekinyekile.

" Zwane ulapho eceleni kwaleyo mpompi umfana wakho uMpume wazizwa efikelwa izinyembezi esondela ebuka lapho kukhomba khona uMabizela.

" unesiqiniseko kubuza uZwane ekhala esondela kuye.

" Hhay ungasondele kusho uSikhumbuzo emubamba emuzungeza ngezingalo.

" ulapho umfana wakho zamudla izintanga zombila wakhala esenqamuke imilenze wezwa ubuhlungu angazange wabuzwa impilo yakhe yonke ekhala bemubuka leza elinye iphoyisa lagenca izintanga zasuka kuMabizela zazungeleza iphoyisa lashayeka phansi zamunqamula ikhanda zamudla izintanga kwashaqa igazi akekho ongathukanga amehlo ebona umhlolo kubhoboka isisu amathumbu evela wakhane ephefumula edonsa umoya uMabizela ezwa izinhlungu ezimangalisayo.

Bagubhayo baqhubeka nokugubha uMabizela eqhonqobele esitulweni ehlezi ngesinqa esisodwa evuza igazi ngemumva ipumpers ibomvu kebhu igazi. 

Kuthe uma begubha iphoyisa elilodwa labona esethusa ngenxa yesimo sikaMabizela

"Hhey uyafa phela lomuntu kusho iphoyisa libiza iAmbulance. 

Kuthe makugujwa avela amathambo neteku elilodwa elifana naleli uMpume alithola ngenkathi beze kulensimu. 

" Hawu uu hhhiiiii kusho uMpume ebuka iJacket eseyivithikile kaMandla ayeyithanda, nojean omnyama esuvithizwe inhlabathi. 

" Hawu kodwa umtanami Mabizela wawusungaze umbulale kabuhlungu kangaka esho eguqe emgodini ekhala uZwane weza noSiphamandla wabuka izinto zikaMadla sezimavithivithi wavele waba nesiyezi wahlanza waguqa phansi wamubamba uSikhumbuzo. 

" Asihambe ubuyele emotweni esho emtotobisa wamuhlalisa wase emnika amanzi esigubhini.." Hlala lana ungezi ensimini kusho uSikhumbuzo wase ebuyela kuZwane noMpume wafica bekhala. 

" Kodwa baba uMabizela wawusungaze ubulale ubaba wengane yami ngikhulelwe hhiiiii hhiiii ekhuluma ekhala eziginqaginqa phansi. 

" Wayibulala inkosana yami umfana wami ohlakaniphile owayenenhlonipho Mabizela hhhiii hhhiiiii uyazi ngqngikwazi njengomngani wami oqotho kusho uZwane ekhala.

" Liphi ikhanda ngoba lamathambo awanakhanda kusho uSikhumbuzo efikelwa enkulu intukuthelo ebuka uMabizela. 

" Mr Madi yehlisa umoya kuza iphoyisa limudonsa. 

" Liphi ikhanda Mnumzane kubuza iphoyisa. 

" Nali kupulastiki kusho uMabuzela ephelelwa umoya amandla engekho. 

Bathi uma bevundulula bathola amakhanda emaningi kwanzima ukubona elamandla. 

" Ayafana komele ahlolwe ukuze ameshe namathambo omzimba kusho iphoyisa 

Kuthe kusenjalo uMabizela wamisa isandla wakhomba ekhoneni lensimu. 

" Uyangihlupha lomfana kaZwane omdala angisale ngikhomba noMelusi ulapha ekhoneni kodwa ikhanda yilona leli enalithola emotweni umzimba beningawazi kusho uMabizela egxaza amathe. 

Nangempela kwagujwa watholakala uMelusi wakhala uZwane bamazisa noSiphamandla esemotweni ukuthi usetholakele umzimba wamelusi. 

"Kodwa Mabizela ungumngani wami weminyaka uze ungibulalele abantwabami kabuhlungu kangaka ngenxa yemfundo yabo kusho uZwane ekhasa eyakumabizela esemhlophe wuuu uthuli ekhala ephelelwe amandla ebuka uMabizela eduze. 

" Ungixolele Zwane kusho uMabizela ehla izinyembezi. 

" UManqoba umtanami akamazi ubaba wakhe ngenxa yakho kusho uMpume ekhala eziginqa phansi zathathwa izidumbu zasongwa zafakwa ezimotweni nopulastiki onamakhanda babebaningi kakhulu  kodwa uMabizela wathi bacinge ikhanda lamandla kowodwa ngoba wabekisa. Yafika iAmbulance yamthatha uMabizela esenqamuke imilenze ekhala ezwa izinhlungu. Izindimbane zabantu zathutheleka ensimini kaMabizela ukufanisa amathambo kodwa kwakunzima ukubona sasimuncu isimo kukhalwa uSikhumbuzo bahamba bafike bafaka amathambo kaMelusi noMandla endaweni yokugcina amathambo. 

" Ngizobafihla ngelanga elilodwa abantabami kanye nomawabo kulempelasonto esiya kuyo kusho uZwane esula izinyembezi. 

" Kubuhlungu into uMabizela akwenze yona baba Zwane sengibonga nje ukuthi sizokwazi ukufihla amathambo akho bafihlwe ngesizotha baphumule ngokuthula kusho uSikhumbuzo. 

" uMbhekiseni naye wahamba eyokhomba ensimini yakhe eseGoli indaba yabo yayikuma front page emaphepheni uMbhekiseni waba buhlungu ezwa ukuthi uMabizela ubuyele esibhedlela engasemamlenze. 

UMpume wakhala eside isikhathi kwala noma bemududuza zimane zehle izinyembezi, kwaze kwazwela nakumfowabo waphuma izinyembezi waqhubeka emduduza bawazisa nomndeni wakwaMadi izindaba ezibuhlungu

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !