INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 80

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 80

Uzwane wawuthola umlayezo ovela kuMabizela kumakhalekhukhwini wakhe kodwa wavele wafunda maqede wabuyisela umakhalekhukhwini ephoketheni.

" Siphamandla lunga ndodana sizobuyela ekhaya sesiside isikhathi ikhaya lingenamuntu.

" Kulungile baba ngisayolungisa ngiqoqe izimpahla zami esho esukuma USiphamandla.

Wabe esehamba wahlala esittingroom nomndeni wakwaMadi.

" Mndeni wakwaMadi ngicela ukuba namazwi engifisa ukuwakhuluma nani esho ekhumula izibuko zakhe.

" Silalele Mangethe kusho uMadi echofa umakhalekhukhwini wakhe.

" Ngithanda ukubonga ngendima eniyidlalile empilweni yami nangisingatha ngavikeleka ngaze ngalulama, anigcinanga lapho kodwa nasiza indodana yami iyodwa ibhekene nobunzima sekushone abafowabo nonina emlahlile, ngiyabonga kakhulu ngiswele amazwi okunibonga.. Sikhumbuzo mfanawami(esho emubuka) angazi ngingakufanisa nani.. ubuhlakani nobuntu onabo buyisimanga ube usizo empilweni kadadewenu ubuchwepheshe no lwazi nokuba injula buchopho kungenze ngafisa ukuthi USiphamandla ancele okuningi kuwe my mfanawami.. Waphenduka wabuka uNathi, "Nathi umfuze wangamshiya umfowenu uhlakaniphile angimangali kungani ubaba wakho wakubeka ukuhola inkampani iMadi-Suger.. Makoti wakwami wena udlele enkulu indima kulomndeni ngingabala kushone ilanga.. Wabe esebuka uMadi.

,"Madi wena ngiswele indlela engingakuncoma ngayo mlingane wami ukhulise kahle izingane zakho zibobuntu, zizwana nobulungiswa, zimubene zinenhlonipho ngiyakubongela ngalabantwana Ngalonde Madi uyindoda emadodeni zifundile zisiza ngisho umuntu zingamazi njengoba benzile kulomfana wase Goli uSaziso.

" Ngiyazibongela Mlingane wami kusho uMadi ebuka abantwana bakhe eziqhenya ngabo.

" Mama Madi ngibonga ubuntu nothando nokungamukela enibe nakho kulelikhaya uyikhulise kahle intombazane yakhe umfana wami wayekhethe umakoti onobuhlakani futhi owazisa umndeni ngiyabonga nje nakuwe ngibuhlungu nje ukuthi indlela yabo yothando yanqanyulwa uMabizela namadodana akhe ekhuluma kuthuleke du endlini.

" Manqoba mzukulu wami wokuqala woza kumkhulu kusho uZwane emuthatha emugona.

" Mzukulu wami awusoze wahlupheka mfana wami uzophila phakathi komhlane nembeleko unomalume abahlakaniphile uSikhumbuzo noNathi kanti futhi nangu nobaba wakho omncane USiphamandla ngifuna nikhule nibambane ekhuluma noManqoba eziqalazela edlala ngezibuko zamkhulu wakhe ezidonsa engazi nokuthi lidumephi enza umsindo wabantwana.

" Sengicela indlela ngizolokhu ngivakasha nje ngeke nginikhohlwe kusho uZwane esukuma kweza USiphamandla nezikhwama wasukuma noSikhumbuzo noNathi baphakamisa izikhwama bazithuthezela emotweni balungela ukuba yindlela imoto isiduma.

" Mndeni wakwaMadi nisale kahle ngizokukhumbula ukuhlala lapha ekhaya kusho uZwane.

" Nathi sikujabulele ukuba nawe noMadi usezoba nesizungu kusho uMkaMadi.

" Nisale kahle ngizonikhumbula kakhulu kusho usiphamandla.

Bavalelisa yasuka imoto yahamba baze bafika kwaZwane emvakwesikhathi eside bagcina ekhaya bangena bavula sekwaba khona izintuli isimo savele saba muncu kwezwakala isikhala esikhulu endlini sekuEmpty babuka beqalaza USiphamandla wabuka uSofa lapho babehlala khona nabafowabo wakhumbula lezozinsuku besakhula. Wabuka nebhola laMelusi nesithombe beshuthe bonke nabafowabo wavele wezwa sezehla izinyembezi wahlala kusofa ebuka uMandla ebeke uMelusi emahlombe.

" Akusafani kulendlu ngaphandle kwenu hhhiiiiii esho ekhala ebuhlungu emoyeni kubhalwe usizi lodwa endlini..."ngathi ngizonibona niqhamuka sihleka sincokole njengakudala kumnandi ekhuluma ekhala weza uZwane wamugaxa.

" Ngiyazi kunzima ukwamukela mfanawami kusho uZwane ebuka isithombe somshado nomkakhe.

" Baba angikhoni uyazi bengithi sengincono kodwa ukufika kwami layikhaya kuvele kwangenza ngakhumbula sisaphelele siwumndeni kumnandi umama esiphekela asibize ukudla sekuvuthiwe kusho USiphamandla ekhala amehlo esebomvu evuvukile ukukhala.

" Kuzodlula mfana wami nami ngangimthanda umama wakho ngajabula ngafa noma esengizalele nina kodwa uMabizela amacala akhe malindile usazovuna ngenye imini kusekuncene abhekene nakho asambe siyoqoqa mfanawami kungekudala kuzongena abantu abazolila bakhuphuka ngezitebhisi bavula ekamelweni likaMelusi wavele wahluleka ukuzibamba ukukhala USiphamandla ekhumbula umfowabo ebuka nezicathulo namateku nephunga lakhe lePerfume lalisezwakala wabuka eqalaza, wabuka namateku ubewathanda kakhulu.

" Melusi qina mfana wami kusho uZwane nakuye ziziphumela izinyembezi.

" Bangena nasekamelweni likaZwane waba buhlungu ngoba wayejwele ukuba nomkakhe ekamelweni.

" Yazi mangivula ngathi ngizobona umama kusho USiphamandla ekhala.

" Kuyabanda impela mfanawami nami ngathi mangakha lelikhaya umkami walenza lafudumala wangizalela nina ngajabula ngaze ngamakhela lesithabathaba kodwa namhlanje sibabili nje vo.

Abukho ubuhlungu obake bazwiwa USiphamandla ukudlula isimo ayekuso njengokuzizwa engathi uEmpty ngaphandle kwanina nabofowabo, wayezwa iminjunju ngaphakathi kungathi kukhona omuhlaba enhliziyweni.

" UZwane washayela imishwalense eyayisivuthiwe bathembisa ukumnika izizumbulu zemali ngenxa yesidumbu sikaMaMthembu kanye namathambo kaMandla noMelusi.

USimangele wahluleka ukumelana neminyaka eminingi emulindile ejele wazibulala ezilengise ngeshidi wambozwa wafakwa emakhazeni uMbhekiseni wakhala waze wacishe wamelwa inhliziyo ngengane yakhe kungukuphela kwayo

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !