INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 33

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 33

Wathi uma efika ekhaya lapho azalwa khona uSikhumbuzo waxoxela abazali bakhe konke okwenzekile, bababaza umhlolo esebetshela ukuthi uxoshelwe ukuthi ubesiza. 

" Phephisa ndodana yami kusho uMadi efunda iphepha. 

" Kodwa naye lomfazi ucabanga ukuth ungavele ususe into ekhanda mtanami kumangala umkaMadi. 

" Sikhumbuzo bhuti wami ngibuhlungu ngalento engiyizwayo ngabasemzini kodwa ngizozama ukukhuluma nomama axole ngoba ngiyakudinga bhuti wami kusho uMpume. 

" Ngiyahamba mina ngibuyela phesheya kungekudala ngiyabuyela emsebenzini dadewethu kunzima ukulwela umuntu uvuna izitha. 

" Hhay kahle!!! Sikhumbuzo awukwazi ukushiya umndeni wakwaMabizela ugojela ifa lomshana wethu, uManqoba umzukulu wokuqala waZwane uma kungalwi thina kuzolwa bani kusho uKhaya ebhoka ngolaka. 

" Nathi mfwethu mina ngicishe ngafa ngilwela lowamndeni kodwa lowamama ukhiphe isigebengu besizama ukuqedela umyeni wakhe ejele kodwa yena waxosha mina sengizama nokumubonisa kusho uSikhumbuzo ebukeka elahla ithemba. 

" Kodwa phela mhlawumbe uyabathemba abakwaMabizela ngenxa yokuthi sebesebenzisane isikhathi eside kusho umama kwaSikhumbuzo. 

" Kodwa mama uzobona kanjani ngoba ngishuthile kodwa kwamakhalekhukhwini wami wawela emanzini.

" Ey mfwethu ngiyakuncenga awuthathe izinsuku sizame ukubhekana nabakwaMabizela ngoba kwankampani leyo othi bayayihola bazoyiwisa igcina ithengiswa kusho uMpume. 

Kuthe nje besaxoxa kwangena izindaba kwavela sonke isiyaluyalu esenzeke enkampanini kaZwane noMabizela. 

" Hawu awubuke bazoyibulala inkampani labafana uphi ubaba wabo ngoba besekudingeka yena lapha ukudambisa isimo kusho uMadi ekhuphula izibuko. 

" Ey baba angimazi uMabizela uphi ngabe nginamanga kuphendula uSikhumbuzo. 

" Kodwa yena akasaphaphami ngani uzwane ngoba izowa bhu lenkampani kusho umkaMadi. 

" Nami ngibona lokho mama kodwa uMama Zwane komele azisole yena ngoba ngizamile ukumuvula amehlo kodwa akaboni kusho uSikhumbuzo. 

Kuthe nje besaxoxa kungene ucingo kumakhalekhukhwini KWASIKHUMBUZO. 

📲USikhumbuzo hello. 

📱Bhuti Sikhumbuzo unjani ukhuluma noSiphamandla. 

📲Kunjani boy. 

📱Ngiyaphila ngithi angixolise ngalesenzo esenziwe umama ngibe buhlungu nje nendlela akuxoshe ngayo. 

📲Kulungile kodwa angimubambele igqubu ngoba yena uluthwa yilezigelekeqe zakwaMabizela ezizenzisayo. 

📱Mina nginawe bayangisolisa kakhulu bhuti skhu:

📲Ngikuncome nje nangendlela okhone ukudambisa isimo uhlakaniphile qeda ntwana yami uhambe uphathe lenkampani ngoba labafana bakwaMabizela bazoyibulala. 

📱Ngizokwenzanjalo bhuti skhu, ngikushayela nje ngikhathazekile ngendaba kaMelusi ngoba uthe mawuhamba saxoxa loludaba sabona ukuthi uqinisile sahamba siyolala kuthe nje sengisekamelweni lami sezwa imoto iphuma ngoba nomama uzwile ukuduma kwayo. 

📲Uphi yena uMama wakho? 

📱Ukhona ukhathazekile naye bengicabanga ukuthi kungenzeka ulandele wena. 

📲Cha mina ngihambe ngedwa angimubonanga. 

📱Ey asazi ngoba umakhalekhukhwini wakhe wahamba ewushiye echargin asikwazi ukumthola ocingweni. 

📲Uthini manje kimi Siphamandla kusho uSikhumbuzo esukuma ema ngezinyawo. 

📱Kanti futhi uhambe ethathe isibhamu sababa ngoba ngibone ilocker ivulekile. 

📲SIPHAMANDLA kanti lento iserious kangaka. 

📱Yebo bhuti skhu:

📲Manje angikwazi ukubhekana nalencindezi ngingedwa bhuti skhumbuzo ngiyakudinga ngoba akukwazi ukuthi ngingashonelwa ubhuti wami omdala, ngigulelwe ubaba bese kuphinda kunyamalala umfwethi hhhiiiii hhhhhiiii esho ekhala USiphamandla. 

📱Siphamandla ngizoza lapho, into engifuna ukuyenza ngizoqhasha iBnB eseduze lapho ngakini wena udinga ukuthi ngikuqaphe ngaso sonke isikhathi angeke ngize ngihlale nomama Zwane ngoba uthukuthele kakhulu into engizimisele ukuyenza ukuqoqa bonke ubufakazi. 

" Khululeka inumber yemoto yakini ngiyayazi ngizocela ungenzele into eyodwa ngifuna ungihlolele ukuthi ikhaviwe yini imoto kaMelusi. Bese ungicelela iTrack record bese ulinda mina ngenze izinto zami ngoba kuyacaca ukuth uMelusi kungenzeka ukuthi uthathele izinto phezulu zase zimubulala lezinja. Kodwa uma nje ungithumelela yonke iminingwane ngizothola ukuthi iphelelephi imoto kaMelusi ukhaya ngiyamubona kuLaptop yami ukuthi uhamba kuziphi izindawo uma nje kungake kwenzeke ukuthi itracker ikhomba umgwaqo lapho umakhalekhukhwini kakhaya ubudonsa ngakhona bazomkhipha uMelusi. 

📱Ithemba lami lonke likuwe manje bhuti skhumbuzo sengizizwa ngiyasaba ngoba angazi noma nami ngizofa okubuhlungu umama akaboni. 

📲Wena thola amaphepha bese ungithumelela engikudingayo noma amaphepha ungawashutha ngomakhalekhukhwini bese bese uwathumela ngoWhatsapp. 

📱Kulungile bhuti skhu ngicela ukuwabheka ekamelweni likaMelusi esho evala ucingo. 

Umabizela noMbhekiseni babebukela nabo okwenzeke ezindabeni. 

" Hhey bhuti kodwa uyabona ukuthi uyadingeka enkampanini uyabona uKhaya ubesenkungeni usizile lomfana kaZwane kusho umbhekiseni. 

" Ey usizile kodwa into engiyibonayo uzoba yinkinga naye kumele ngimubonele iqhinga naye angene ensimini kusho uMabizela. 

" Nami ngiyabona ukuthi isigcino uzodla ifa lezingane zakho kusho uMbhekiseni. 

" Kodwa mina umuntu engisalala ngiphenduka ngicabanga iqhinga lokumubulala uSikhumbuzo kusho uMabizela. 

" Lowo ngifuna siyothumba abazali bakhe bese yena ayazinikela ngoba kunzima ukubhekana naye ngoba unesalamusi. 

" Uqinisile mbhekiseni asihlele usuku lokuyothumba abazali bakhe kodwa sizohlanganisa izinkabi zangapha egoli, ngifuna abantu abazobulala konke okuthi Madi. 

" Asizame ukuvukela ehostela kusasa ngifuna sithole legenge eyiziqhaza engadubuleki khona bazoqeda nya ngalezinja zakwaMadi kusho uMbhekiseni. 

" iphuzu lelo mbhekiseni. 

" Manje uMkaZwane uzomenzanjani. 

" Ngicabanga ukuth masekufe uZwane ngimungene ngimushade khona konke okubiza uZwane kuzoba ngokwami ngoba phela ushadile noMaMthembu. 

" hhhooooooo, eyyy bhuti ha ha ha ha ehleka eqhephuka uMbhekiseni waze waqhiyama ngosofa. 

" Phela thina singomabizela imali ikhothamela thina mbhekiseni kusho Umabizela ehleka kwaze kwavela elomhlathi

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !