INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 32

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 32

Kuthe ngakusasa kwamangaleka uMelusi engabonakali kwaZwane.

" Hhay bo we Siphamandla kanti uphi umfwenu kubuza uMaMthembu egqoke igown yakhe yokulala.

" Angazi mama nami ngizwe nje kuduma imoto kodwa yena akabuyanga.

" Kodwa uyabonake umonakalo osuwenziwe uSikhumbuzo yazi ngiyazisola ukuthi samvumelelani ukuthi ahlale lapha ekhaya lomfana.

" Awu mama wenzeni uSikhumbuzo ngoba ubezama ukusiqwashisa ngoba vele eqinisweni akumele uthembe umuntu wangaphandle 100% ngoba umuntu uyashintsha.

" Hhay suka musa nawe ukulukhu uvumela udodi, nazi kahle nje ukuthi yonke leminyaka besiphethene kahle negenge yakwaMabizela ngamanye amagama nisho ukuthi ubaba wenu isithutha ngokuba umngani nomabizela, musani ukuphelelwa unhlonipho Siphamandla.

" Mama kungani babelandela uMandla ngelanga anyamalala ngalo kanti futhi kungani kuvele ukuthi umakhalekhukhwini waKhaya wawudonsa lapho kwenzeka khona isigameko ngibone kahle mina ngenkathi uSikhumbuzo echaza nami angilalanga ngicabanga ngizibuza.

" WeSilima awuyeke ukukholwa unto eshiwo umuntu wangaphandle ekubeni umabizela ezwana nobabawenu.

" Mama noma kunjalo kungani uMandla ashone ngoba eseqede ukufunda esezophatha enkampanini kababa, duku duku uKhaya usephethe enkampanini yize engafundile bengingayinakile lento kodwa sekuvela okuningi manje, nobaba ulimale ebuya khona kwaMabizela.

" UMabuzela noBaba wakho bayiqala bebabili lenkampani njengoba inkulu ingaka naningekho kwanaloSikhumbuzo wakho, niyizingane ezibolile eziqhatha abantu abadala siphamandla.

" Mama mina angisho ukuthi kunjalo kodwa nami ngizozama ukuyithola lento ukuthi yenzeka kanjani.

" Lalela uyabona nje uma nizoqhuba ubuhlaza nenze into ephambene nentanto kababa wenu kulelikhaya nizongiphumela emzini wami angihlali nezingane ezingabazi abantu abadala, ubaba wenu ulwela impilo yakhe kodwa nina nixosha umngani wakhe omkhulu weminyaka mawucabanga uzoyithanda lensumansumane eniyishoyo ngomngani wakhe.

" Cha mama ngeke ayithande.

" Akugcine nje nci ukuthi nikhulume izinto ezizoxabanisa umndeni.

" Ngiyezwa Mama kusho USiphamandla ekhipha umakhalekhukhwini wakhe wavele wazichofela wona esebhalwe indumalo ebusweni.

" Nakho nje lokhu okuwuMelusi kuzonguchazela kahle ukuthi useqale nini ukuhamba nemoto kababa wenu ubusuku bonke engashilo ukuthi Uyaphi, seniyazenzela nje ngoba ubaba wenu esesibhedlela.

Kuthe nje esalokhu ethetha kungene ucingo oluvela eMabizela & Zwane Buses okuyinkampani kaZwane noMabizela.

📲Umama Zwane okhulumayo hello.

📱Mama Zwane Phindi okhulumayo unjan kubingelela intokazi ebamba izincingo.

📲Yebo ngiyakuzwa ngane yami.

📱Mama kunenkinga enkulu lapha enkampanini abasebenzi bavale isango amabhasi awaphumanga abashayeli batelekile kanti naseWork shop omakhenikha batelekile kanti futhi bafuna imphathi nayo ongakafiki, ngizamile ukushayela uKhaya wathi uyeza kodwa kuze kube yimanje akafiki.

📱Hawu!!! Kubabaza uMkaZwane.

📲Impela mama mina ngiyasaba baphethe imililo namabhodi basabisa ngokushisa amabhasi.

📱Uphi uMabizela uke wazama ukumuthinta kodwa ngane yami kubuza uMkaZwane kuqhaqhazela amadolo.

📲Angimutholi ucingo lwakhe luvaliwe. Kodwa mama nangu uKhaya engena uhambisana nomfowabo ngizokwazisa kuphethe kanjan.

📱Cha Cha Cha ngiyeza manje lapho kusho uMaMthembu evala ucingo.

" Siphamandla asiphuthume enkampanini kababa wakho kubi mtanami abasebenzi basabisa ngokulimaza impahla.

" Hawu!! Mama ngempela esho esikuma ethatha omunye wokhiye bezimoto zakwaMabizela baphuma bendiza.

Kuthe nje besamile abasebenzi bekhombisa udlame becula, kuphinde kube khona izwi elithi sifuna abaphathi la!!! Ngeke sikhathele phela manje sinezingane nemindeni yethu elambile, Khaya Mabizela phuma sifuna uzosichazela.

UKhaya wayegumbini eliphezulu nomfowabo bebuka estezi. 

" Khaya mfwethu sizokwenzanjani uyabona kodwa ukuthi bayalwa labantu kubuza uSithembiso elunguza, onogada bekhiyile emasangweni. 

" Bayazihlanyisa laba inkampani isabhekane nenkinga bahlulwa yini ukulinda.

" Kodwa khona sesiside isikhathi bengaholi sekuze kuyophela enye inyanga Khaya mfwethu 

" Sisabhekane nezinkinga abalinde noma bafusege lana enkampanini yasekhaya asibancengi kusho uKhaya. 

Kuthe nje senjalo kungene intombazane ebamba izincingo. 

" Mr Mabizela abasebenzi bafuna ukukhuluma nawe bayalwa. 

" Ayikho into engizoyikhuluma nalezichaka, esizizama ngomsebenzi manje sezizitshela ukuthi zihlakaniphile umuntu onenkinga akahambe lana kuphendula ukhaya ehlinile nesibazi sakhe ngenhla kwehlo. 

" Manje ngenzenjani mina Mr Mabizela ngoba onogada bathe ngikucele ukuze udambise isimo. 

" Kwabona onogada ngizobaxosha uma behlulwa umsebenzi hamba uyophendula izincingo ukhohlwe yizinhlanya ezisanganayo ekuseni nakangaka kusho uKhaya ehlala edeskini kugcwele amaFile, ekumele awafunde bese ayasayina. 

" usamelwe umsebenzi bafo buka nje lenqwaba yamaphepha elapho phezu kwetafula, nama appointments akulindile kusho uSithembiso ebuka itafula. 

" Ey awulethe elilodwa bafo ngibuke esho amukela iphepha elibhalwe ngesingisi. 

" Nali awufunde kuleli usayine mfo. 

" Ey Ey nakhuke okubuye kungicasule yonke into ibhalwe ngedingisi esinzima esho eliphonsa eceleni. 

" Hawu khaya letha mhlambe ngizo understand kodwa uyabona ngathi iphuma eBank esigcina kulo imali yakulenkampani kusho uSithembiso ebuka efunda📃👀 please inform your drivers that they need to be aware of fake bank note that are paid to them as transport fee eh eh. 

Kuthe nje esafunda kungene isitini ngefasitela. 

" Eish ubani manje lowo kusho uKhaya ebambe igazi lehla esphongweni ngenxa yengilazi ephukile efike yaqhatshela ebusweni bakhe. 

" Ey ngathi bayalwa manje mfowethu buka ngathi bafuna ukushisa amabhasi kusho uSithembiso.

" Asambe ngizokhuluma ngingaphakathi ngoba onogada bakhona bakhiyile namasango. 

" Yebo asambe Khaya kodwa ncono namaphoyisa azofika nakhu umlayezo ovela kuMama Zwane ukuthi usewashayele naye usendleleni uyeza. 

" Ok kulungile asambe ukhulume nabasebenzi. 

Nangempela bahamba bamela endaweni ephakeme abasebenzi bengunge isango. 

" Sanibona igama ngingu Sithembiso Mabizela ngiyacela sehlise ulaka umfwethu ufuna ukuzwa izikhalo zenu.

" Akanamlomo yini kusho izwi esixukwini. 

" Khaya Khuluma nabo mfwethu kusho uSithembiso eqhela eceleni. 

" Lalelani lana nina, lenkampani eyakwaMabizela, umuntu obona ukuthi akagculisekile isango livuliwe ngeke silokhu sincengana nani ngoba baningi kabi abantu abafuna umsebenzi abafika mihla namalanga bezoshiya amaCV, into engizoyenza ngizinixosha nibuyele enhuphekweni lena esinikhiphe kuyo. Wathi esakhuluma wezwa ngetshe ekhanda wavela ingozi, baqala abasebenzi bafuna ukufohla balayida imililo bashaya onogada babaqhelisa bezamosho balayida ibhasi elilodwa lavutha. 

" Bavimbeni bo kusho uKhaya ebambe ingozi esebombu iyembe. Kanti uSiphamandla nomkaZwane sebefikile kugcwele intuthu. 

" Hhawu kodwa ngebhasi kukhala uMkaZwane ebona lishunqa badilika. 

" Kahleni bo kahleni bo kukhuza uMkaZwane bavele bamuphushela lena eceleni wathi lacu baqala nabhodloza ama office kwabaleka anasebenzi, babamba uKhaya bamshaya noSithembiso wathi uyalamula isagila sakho ekhanda wanaba phansi nomkaZwane wabhinyika umlenze ngenxa yokudlubulundela kwabasebenzi.

🗣️Bantu benkosi esibathandayo nesibadingayo, nina benkeshane kamenzi eyaphuza umlazi ngameva, basebenzi esibathandayo nokuyibona abakhulise lenkampani enkulukazi kulendawo, ngaphandle kwenu besingeke sifinyelele lapho sikhona, kukhuluma izwi kwama wonke umuntu kwathuleka abantu baphendula amakhanda. 

🗣️ Isikhalo senu sizwakele, kanti futhi thina asifuni ukulahlekelwa yinina, yingakho sizohlangana sicubungule udaba lwenu ngoba ningabasebenzi ababalulekile kulenkampani kodwa kulezinyanga esidlule kuzo kube khona ifu elimnyama elike lahlasela umndeni kodwa kungekhona ukuth senza izaba noma sinithwesa izinkinga zethu, kodwa ukuphangalala kwamfowethu nokulimala kwababa kuyikhinyabezile lenkampani ngicela nisinike iviki elilodwa ngiyathembisa ngeke kufike umsombuluko ningaholile kanti futhi ngithembisa nokuthi sizoninxephezela ngo10%ngaphezulu... Wakhuluma USiphamandla kwathuleka du, abantu baphosa amatshe phansi babuya bahlehla bebukisisa USiphamandla bemangazwa ubuntu, nobuhlakani, nokwazisa abasebenzi, kwaba khona amazwi athi, "unangakhi lomfana, 

Abanye basondela kuye nezikhali bathi," uzwane uzele lana bamubuka bemuzungeza bakhuzana bonke behlisa umoya. UKhaya noSithembiso bamubuka USiphamandla emncane kunabo bamangala ngokuhlakanipha nanobuholi abufumbethe emncane ngokweminyaka, uMkaZwane wasula izinyembezi emangele ebona umfana wakhe emncane kodwa walalelwa yinqumbu yabantu ababethukuthele befuna ukushisa amabhasi bamoshe nenkampani weza wamuphakamisa umlenze uphukile. 

" Umfuze wangamushiya uyise ngane yami esho ekhala uMkaZwane. 

" Uma ukube bebexoshiwe iUnion yabo ibizobasa eCCMA mama bekumele senze izinto esho ehamba naye eqhugeza uMkaZwane.

" UKhaya noSithembiso bavele bagcwala inzondo ngokunconywa kwaSiphamandla bemabokoboko ebusweni benegazi besula ngama tissue lapho bagqenywe khona.

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !