INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 39

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 39

Kwathi ukuba amaphoyisa afike epolice steshi uSikhumbuzo wayethukuthele eqhuma wacela ukushayela ummeli. UNathi wayebonakala ebusweni ukuthi angabulala umuntu ngendlela nje ayethukuthele ngakhona.

" Eh madoda ngizocela nje nikhumule izintambo zezicathulo ngoba iziboshwa zikinyana ngazo, bese nikhumula amabhande nishiye amawallets emali nomakhalekhukhwini benu kusho iphoyisa libaqhaqha ozankosi.

" Manje niyasibopha ekubeni izigebengu zichanasa la ngaphandle kusho uSikhumbuzo edinekile kuthi akawakhahlele wonke amaphoyisa.

" Thula siboshwa kuyahlonishwa lana esteshini samaphoyisa kusho uMathebula iphoyisa elisebenzela uMbhekiseni noMabizela. 

" ubani isiboshwa wena? ngicela ukushayela ummeli wami manje kusho uSikhumbuzo. 

" Shut up!!! Ungezi nokuzazisa lana sboshwa ndini!! Fuseg hamba!!! Esho ezama ukumphusha. 

Wavele wama uSikhumbuzo kwangathi uboshelwe phansi. 

"angithi nina nikhiphe umphefumulo wendadana kaZwane manje sekutholakala isidumbu somfana wakwaMabizela ninesibindi!! kodwa ke akuhluphi ngoba ngizonifaka kwabafana nani estokisini kusho uMathebula owakhipha uKhaya noMbhekiseni ejele ngokudukisa amadocket.

" Yewena ngiyalazi phela ilungelo lami mina kumele ngishayele ummeli wami ngoba ucingo lukaHulumeni lolu kusho uSikhumbuzo.

" Udakiwe lelikhanda lakho eliqinile lisazothamba mfanawami move!!!!! esho ezama ukuphusha ukumsunduza, kwangena uMazibuko ephuma kwelinye lamacala. 

" Kahle!!! Kahle Mathebula ukwenza into engenziwa unalo ilungelo lokukhuluma noMmeli wakhe kusho umazibuko osebenza ovamise ukuba uPartner asebenzisane noMpume emsebenzini.

" Kuzithwele lokhu kwenja kusho uMathebula ebuka kabi uSikhumbuzo esuka ehamba enxapha. 

" Wozani ngapha madoda yimina ozophatha icala lenu kusho umazibuko evula amabhuku sizogcwalisa nje lana bese ngiyakunikeza ucingo..ngizocela amagama nesibongo, nangempela basondele. 

" Mina ngiwu Sikhumbuzo Madi

" Mina ngiwu Nathi Madi bephendula. 

" Hhay bo nihlala kuphi madoda kubuza iphoyisa ngokumangala liyeka ukubhala. 

" KwaMashu esinqawunqawini kuphendula uNathi.

" Mina aningazi ukuth ngiwubani? 

" Ayi lutho kusho besho bebukana.

" Hawu uMpume udadewenu? 

" Yebo besho bemangele nabo besacabanga.

" uMpume uPartner wami as detectives yazi ngasho ngayibona inswebu yakhe kusho iphoyisa liqhubeka libhala. 

" Nathi siyajabula ukwazi nge colleague kasisi wethu kusho uNathi. 

" Manje senenzeni madoda ngoba phela uMpume is one of the best detectives kulepolice steshi kubuza uMazibuko ehleba. 

" UMndeni wakwaZwane usenkingeni enkulu uMabizela ufuna ukubaqeda bese kubusa yena yedwa kodwa okubuhlungu umam Zwane akaboni ngenxa yobungani bamabizela nobab Zwane, yingakho esibheca ngobende inyama singayidlanga kukhuluma uSikhumbuzo ehleba.

" Uyazi wake wangishayela uMpume ukuthi ngiyoqapha isimo Nangempela yilapho ngabopha khona uKhaya noMbhekiseni okungubabomncane wakhe kodwa kwavele kwaduka idocket baphuma kanjalo kusho uMazibuko.

" Ncono ngoba wena unabo ubufakazi bokuncola kwalomndeni kusho uNathi. 

" Ziphi izimpahla ezatholakala zishuthekwe ematsheni ekusolakala ukuthi wabulala uMelusi wase uthukusa izimpahla ezinegazi kubuza uMazibuko.

" Amaphoyisa azinika umama Zwane kuphendula uSikhumbuzo. 

" Hawuuuu kanjan manje zingadlulanga kuForensic ne Autopsy kuhlolwe ngoba phela izona kanye ezizoveza ababulali kubuza uMazibuko.

" Nami ngangingekho ngisekhaya kodwa ngizocela ubonane noSiphamandla indodana kamama Zwane ikutholele zona ngoba zazikuplastic kuphendula uSikhumbuzo. 

" Sikhumbuzo thatha nali ucingo shayela ummeli wakho ngizonisa ngale endaweni enizogcinwa kuyo kodwa uMmeli wakho kumele afakeke isicelo seBail icala nizolithetha ungaphandle kusho umazibuko ehlala etafuleni sakunqika. 

Wabe esecela ukuthi ummeli azomkhipha. 

📞ngicela ulinde kusasa seniyobingelela inkosi yenkantolo ngizobe sengithumela isicelo sencwadi yeBail iyobe isimenyezelwa iJudge uma besamukela isicelo sami kusho ummeli. 

📞Ok bye ngizobona ngawe kusho uSikhumbuzo ecasukile evala ucingo.

" Asambeni ke madoda nginigcine ngale esitokisini ngiyacela nje niqaphele leziboshwa zinganilimazi nilale nibheke ngeso elilodwa kusho uMazibuko ebaphelezela wafike wabafaka ezinsizweni ezinhlanu ezigxabhelwa igazi esezabulala zadlwengula, izelelesi ezinezibazi ezithusayo. 

" Mlethe ngapha Fader kumemeza iziboshwa

" Ey nina nisiphatheleni kusho iziboshwa bebazungeza bebakhutha. 

" USikhumbuzo wababuka ngamunye ubona ukuthi ucasukile futhi udinekile uNathi wababuka ngamunye bengene kundingiliza babakakile. 

" Madoda sicela nihlukane nathi kusho uNathi. 

" Ey wena msu*n wakho uphakamela bani!!!!! Ufuthela bani amakhala kusho ibhoza yabo okuyiyona isqhwaga.

" Madoda ngiyaphinda futhi hlukanani nathi kusho uSikhumbuzo.

" Awuthi ngihlale phansi kusho uNathi evula indlela ngokubagudlula.

" Yewena Bhari uzombatha ngayiphi ingubo kusho isiboshwa sishaya uNathi ngonsipho esendwangini embhonya ehlombe wavele waphenduka ngonyawo kwakhala isithende sesicathulo ehlathini wathi bathi bayamthelekela bambamba izingalo uNathi wabahlanganisa ngamakhanda kuthe nje besadiyezela benjalo kuze ababili bethi bashaya uSikhumbuzo avele idedele isibhakela koyedwa wafahlaka ithambo ekhaleni, kuthe nje eseza ukuzuma uSikhumbuzo oyedwa wakhuphula umlenze isiboshwa sahlangana nesithende kwahlangana amazinyo saziluma ulimi samemeza sizwa ubuhlungu baphonseka phansi.

Kuthe besathi bezama ukuvuka beze bethi bayabapakanyela uNathi waphenduka nge spinning kick unyawo lwagadla ebusweni  kwalala amadoda amabil phansi, kuthe abanye ababili uma bezama ukubamba usukhumbuzo wababamba ezintanyeni wabakhuphula ebaxhake beyame ngobonda beba kinyile bachama kuthe besebanjwe uSikhumbuzo kanjalo uNathi wabangena ngezibhakela balala uyaca phansi bememeza kunuka phu abanye sebezikhululile. 

Gadllllaaaa!!!!  Kukhala izikhiye zomnyango wejele kuvuleka kungena iphoyisa iziboshwa zibambe imilenze abanye befolile phansi bewumcaba. 

" Kwenzenjani lana? kubuza uMathebula iphoyisa elisebenzela abakwaMabizela.

Iziboshwa zaziquma kuyiloyo naloyo ebambe lapho abhonywe khona kungaphumi mpendulo. 

" Nina madoda niyadelela kusejele lana kukhala esami isicathulo lana asambeni ke ngiyovula elinye icala esenilenzile ukushaya okuyinto engavunyelwe kusho uMazibuko evula umnyango. 

USikhumbuzo noNathi bambuka behefuzela bedinekile bemulandela. 

Kuthe nje kusenjalo kuqhamuke uMazibuko esephuma efuna ukuyophenya kabanzi ngecala kaSikhumbuzo noMathi. 

" Kwenzenjani manje ubasaphi laba ngoba icala labo liphethwe yimi kubuza uMazibuko ecasuka ejika. 

" Bayadelela laba ngifike bashaye ezinye iziboshwa kusho uMathebula ebagquba.

" Kahle kahle ukuphapha nje ngoba kunama docket agcwele I drawer lakho ngale ngoba usugijimela icala eliphethwe yimi esho ecasukile uMazibuko.

" Manje kusho ukuthi kumele baphule umthetho benze iAssault kubuza uMathebula. 

" Njengoba iziboshwa zilimaza ezinye mihla namalanga uyagxuma uyobavulela icala? Uyazi ukuthi eNumber17 kunezixhwanguxhwangu ezihlupha abafikayo manje usho ukuthi labantu ababili bangashaya lababantu? 

" Hamba uyobona lapha ukuthi babenzeni abanye lezinja. 

" Manje bekumele bangazivikeli uma beshaywa kukangakhi kuphuma iveni iphuthumisa umuntu olinyaziwe lana? Wake walivula icala awubuyisele labantu emuva!! 6 ey nxxnn futhi awuthi ngibabuyisele mina wena hamba uyonaka amacala abhekane nawe

" Madoda mina ngisahamba ngifuna ukuqapha uZwane ngoba seningivule amehlo ngalomndeni kusho ukuthi uZwane uzobulawa ill organize iteam ezohlola uZwane 24 hrs. Bese kuthi mina ngizoya kuSiphamandla ngithole izimpahla zaMelusi ngisebenzisane nabe forensic ukucacisa konke abazokuthola iminwe emotweni igazi nokuningi, nemoto yakho Nathi ekutholwe kuyo isidumbu sendodana kamabizela ngizoxhumana nabe forensic ne Autopsy bahlole ukuthi ubulawe kanjani. 

" Mangiphuma lana ngizokupha ubufakazi mfwethu siyabonga ukuba nathi kulesisimo kusho uSikhumbuzo. 

" Khululekani angisanibuyiseli kulezixhwangu xhwangu nizongena kuleCell esho evula umnyango bangena endaweni eyayinezinsizwa ezizothile. 

" Kulungile Detective Mazibuko. 

[uMazibuko uyisiphazamiso kuzomele ngazise uMabizela ngaye kusho eMathebula equdule ngenxa yokuthi uMazibuko uvikela izitha zakwaMabizela abamncedayo ngentshontsho uma benecala] 

Kuthe nje odokotela bengalindele kwezwakala kuduma imishini esibhedlela..... Tiiiiiiiiiiiiiiiiiiii Tiiiiiiiiiiiiiiiiii💹📉📈 bagijima bonke belibangise egumbini ekulele kulo uZwane, bafika ekwehlela imishini ibhakuza efaka iOxygen. 

" Woooooow we made it bodokotela besho bejabula uZwane evula kancane kungathi amehlo afuna ukubuka exhopheka umphefumulo wabuya amaphaphu avuleka kwaba yinjabulo yodwa ewardini onesi nodokota bencomana ngomsebenzi wabo. 

" Welcome back baba uZwane kusho odokotela bemusondele belungisa umqamelo. 

Wayeqalaza engazi wafika kanjani edideka. 

" Asimnikeni ithuba lokuphumula umhlathi wakhe usakhonkekile sekuyisikhathi engakhulumi hambani nishayele umndeni wakhe kusho udokotela ekhipha isimfonyo nepayipi elingene ekhaleni ecindezela imishini


Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !