INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 38

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 38

Kuthe inkabi isabaleka ngemoto kaNathi yabona kukuhle ukuthi akhiphe uMbhekiseni noMabizela ebhuthini wabafaka phambili emotweni ezitulweni wabahlalisa bevuvukile uMabizela engabhekeki ubuso budatshulwe amabhodlela, intamo nomqala kukhonkekile, uMbhekiseni ingalo ilenga ingasebenzi ithambo edolweni lingaphandle bequma bekhala.

" bekezelani bobaba sengizofika esibhedlela kusho inkabi yase Hostel eyayihamba indiza ivale sonke iSpeed semoto. 

" mmmhhh hhhiii iiiiiiihhhhh eishuuu hhay u u u u ungalo.... Ungalokothi uye esi... Uhhhhu!!!!! Kusho uMabizela ethi uzama ukukhuluma kodwa kodwa kungakhulumeki izinhlungu zimubambile umlomo uvuke kuhle kwesisu senkomo. 

" Angizwa baba kubuza inkabi. 

" unga... lokothi u u uye esibh.. bhedlela eishuuu kusho uMabizela ebuka ngehlo elilodwa elinye lidumbe lavaleka. 

" Hawu baba niyadinga ukuya esibhedlela kumele uthungwe nasebusweni akudabulile amabhodlela nezingozi ezisebusweni zikhamise kabi kanti nokhonkolo wentamo uyawudinga noBaba uMbhekiseni naye udinga ukuhlinzwa ikhonkwe umlenze nengalo.

" Ndo.....da...na u u u uma nje si.... ngake si.. ye esibhedlela kobe sizigwaze ngowethu eishuuu awe uyazi kubuhlungu ngisho umgogodla nezingalo kusho uMabizela eqethukile ubona ukuthi uzwa izinhlungu. 

" Ok akuhluphi ngizonisa kwenye indawo kunodokotela esibagwazelayo abalapha omunye wethu uma kwenzekile wadutshulwa amaphoyisa kodwa angafi kusho inkabi ibajeqeza ngehlo. 

" iphuzu lelo usazoceba ndodana lento osenzele yona ngizoyikhohlwa ngifile kusho uMabizela equma. 

" Mina ngizokuthengela imoto khona namhlanje konke ngizokwenza ngefoni ufuna yiphi imoto kubuza uMbhekiseni. 

" Ngithanda iGolf7R emnyama. 

" Khululeka ngifuna ukuthi ngibonise ukuthi ubalulekile kithina indlela engikubonga ngayo mfana wami kusho UMbhekiseni. 

" Namagama enu sibe sesiwakhohlwa isibongo uthe ungubani nsizwa kubuza uMabizela. 

" Igama uZakhele Mbhele. 

" Sompisi Lalela ke mfana wami njengoba uhlala ehostela egoli ekhaya kukuphi. 

" Ngiqhamuka emsinga baba kodwa ngathi mangifika egoli ngangawuthola umsebenzi ngase ngingena kulona wobunkabi.

" Lalela ke mfana wami njengoba umfwethu ezokuthengela unyanyavu lwemoto mina ngizokuthengela isithabathaba somuzi, kukhulu osenzele khona mfanawami kusho uMabizela ebomvu kebhu abusweni. 

" Hhaaaaawu kodwa bobaba ngenezeni emhlabeni ukuthi izicelo zami zigcine zizwakele esho esula izinyembezi inkabi. 

" Sompisi wena awusophinde uyamane nenhlupheko, empeleni nje usuyohlale uyinxenye yezimpilo zethu kusho uMbhekiseni nezisini engasenamazinyo.

" Sesiyafika kulendawo sekusele iskhashana nje sifike kulodokotela wethu nathi besisuka le egoli siye kuyena. 

" wemfanakazane uyazi lezimoto zamanje ziye zilandelwe uma ilahlekile lena esihamba ngayo uthi ngeke ilandelwe kusho uMbhekiseni. 

" Khona nami angithandi ngoba sihamba ngalena ngoba umnikazi wayo uzoyibika njengemoto eyebiwe kusho inkabi. 

" Lalela mfana wami asimise lemoto eceleni bese simisa umuntu kungathi sidinga usizo uyobe usumfaka umthofi ebuchosheni sithathe Lowomuntu simufake kulemoto sibhice lezinja zakwaMadi ngecala ezingalazi, kuyothi besalokhu bezingelana nathi amaphoyisa abahlohle imibuzo bakhohlwe yithi kumele sibulale uZwane kukahle ngoba sesisthole wena mfana wami uzowenza wena lowomsebenzi. 

" Ngizokwenza noma yini eniyishoyo bobaba. 

" Umuntu ozoma nje lana umdubule ungananazi mfanwami kusho uMabizela belele bebheke phezulu inkabi ingemumva ivule ibhuthi kungathi khona efuna ukukwenza imoto iyahlupha yeza imoto emnyama yaphakamisa isandla inkabi. Kanti uSithembiso indodana kaMabizela izoma. 

" Ngicela ungijumpisela ibettry bhutiwami kusho inkabi ilokhu kungathi iyawayinda kanti isibhamu isisiphethe ngesandla. 

" Ngijahile kodwa ngizokuzama kusho uSithembiso edilika kuthe uMabizela ezwa izwi elifana nelendodana yakhe wathuka efuna ukuchazela inkabi kodwa umzimba uyinto nje ekhonkekile nezwi lingaphumi kahle. 

Bhaaaaaaaaaa! Bhaaaaaaaaaaaaaa!!!!! Inkabi idubula indodana kaMabizela. 

" Hhhaaaaaaaawwwwuuuu kodwa Nkosiyami aweeeeeeeeee Sompisi kukhala uMabizela ememeza uSithembise elele phansi inkabi imudubule esifubeni nasesiswini. 

" Asambeni siyothatha lemoto kusho inkabi igijima yathola uMabizela ekhala ngendlela ehawulisayo. 

" Wayibulala ingane yami kusho uMabizela izwi ekhala intshebe isimuhlophe wuuu. 

" Kodwa nawe awusezwa yini uma sikubiza kusho uMbhekiseni ekhala naye bebona uSithembiso esedindilizile. 

" Awu nkosiyami ningixolele bobaba ngiyaxolisa bengingazi kusho inkabi izisola kubonakala nasebusweni idabukisa. 

" Lalela mfana wami asithathe uSithembiso simushiye kulemoto ukuze izinsolo zizoya kuSikhumbuzo ngoba usanecala lokuthi uMelusi wahamba naye kanti wabulawa abafana bami ethi uzodakelwa lapha emzini wami wakhohlwa ukuthi ngizele izinsizwa mina, wena sula iminwe yakho esteringini salemoto, Nangempela wenza njalo bahamba inkabi yabe isithatha iLaptop kaSikhumbuzo bashiya imoto khona lapho bahamba. Kuthe nje uma kudlula imizuzu ewu30 kwabe sekukhona amaphoyisa, uSikhumbuzo noNathi bahamba baze bafika lopho kukhona imoto kaNathi phansi kwakunegazi. Kunesidumbu emotweni. 

" Ubani lona osemotweni yami manje kusho uNathi eyibuka izitulo zemoto zinegazi. 

" ungasondeli mnumzane kuzomele kufike abe forensic bahlole konke okwenzekile kusho iphoyisa. 

" Imoto yami lena kusho uNathi. 

" ubungayibiki ngani emaphoyiseni ukuthi yebiwe kusho iphoyisa lisondela.

" bengisazoyibika kodwa isikhathi besingekho ngoba bengiyijahile kusho uNathi ezifutha. 

" wena ungubani ndoda kubuza iphoyisa lisondela kuSikhumbuzo. 

" Sikhumbuzo Madi

" Wena uvulelwe icala lokuhamba noMelusi Zwane emva kwenxabano obe nayo nomama wakwaZwane ngenxa yenzondo onayo ngomndeni wakwaMabizela. 

" Ini manje nina nibona ukuthi yimi engihambe naye. 

" Mnumzane usuboshiwe unelungelo lokuthula ngoba konke ozokusho kuzomelana nawe enkantolo yombuso kusho iphoyisa noZankosi. 

" Kanjani manje kusho uNathi egudlula iphoyisa ezama ukulidonsa. 

" Unecala lokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho kanti futhi sicela ukwazi ngalemoto ohamba ngayo kusho elinye iphoyisa likhipha ozankosi lisondela kuNathi. 

" Yazi nina niyahlanya kusho uSikhumbuzo ebhilida amaphoyisa ewela phansi. 

" Sikhumba yehlisa umoya bafo kusho uNathi ephenduka sebegamugaxe ozankosi. 

" I need to call my lawyer manje kusho uSikhumbuzo ecasukile eletha izandla evuma ukufakwa ozankosi bangena emotweni. 

" Mina ke ngiboshelwani kubuza uNathi. 

" Imoto yakho itholakale nesidumbu kanti ubungayibikile kuzofika imoto ezoyithwala ukuze kuphenywe kahle yahlolwa abe autopsy ne forensic. 

Amaphoyisa elinye okungu detective Zondo wabe esemazisa uMkaZwane ukuthi sebemubophile uSikhumbuzo kanti futhi imoto yamfowabo itholakale nesidumbu.

" Hawu nikuphi kubuza uMkaZwane. 

" ngakwaIllovo mama ungeza uzobona isidumbu mhlambe ungasifanisa uyingozi lomuntu kusho iphoyisa. 

Wahamba waze wafika endaweni yesigameko uMkaZwane. 

" Hhaaaauuuuuuuuu kodwa kanti lezingane zinjani uSithembiso lona kusho umaZwane ekhala. 

" Sesiyahamba mama siya ePolice steshi ungashayela umndeni kusho amaphoyisa engena ezimotweni kwafika neHheshe lathatha isidumbu, wakhala waze waba nesibibithwane uMkaZwane elokhu ekhale njalo ngonya lwaSikhumbuzo washayela uMabizela embikela noMabizela wazenza ongazi ekhala uMabizela ngendodana yakhe eshone ngenxa yakhe kwaba muncu emndenini wakwaMabizela.

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !