INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 40

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 40

Kuthe kuhleziwe kwaZwane kwangena izindaba zokuthi uZwane usephapheme esibhedlela kwaba yinjabulo yodwa USiphamandla walunga nonina ukuya esibhedlela injabulo igcwele iphuphuma ebusweni bamkaZwane wabe eseshayela uMabizela. 

📱MaMthembu unjani kodwa kukhuluma uMabizela zimubambile izinhlungu kunzima ngisho ukunyakaza intamo ifakwe ukhonkolo amahlombe kungathi anosimende ebusweni ethungiwe emidwa yidwa ungeke umkhombe ngenxa yezibazi zokudatshulwa amabhodlela efasitela lemoto. 

📲Kunjani mabizela ngikushayela ngoba ngifuna ukukwazisa ngezindaba ezimnandi. 

📱Ingabe izindaba ezithini mfazi kamngani wami. 

📲Ezokuqala ezithi uphapheme uZwane ngikhuluma nawe nje sisendleleni siyobona yena.kusho uMkaZwane nenjabulo ebusweni. 

📱A- a- a- a- angizwa uthi uZwane wenzenjani uMabizela ebuza ngokuthuka kodwa ezama ukuzibamba. 

📲Impela inkosi iwuzwile umthandazo wethu nathi sishayelwe udokotela ngishayelelwa USiphamandla nje ngikhuluma. 

📱Haaaawu zaze zazinhle lezo zondaba kodwa ngangingaba yini ngaphandle kwaZwane indoda esifana nomfwethu. 

📲Angithi ingakho ke loku kwengane yakwaMadi ngikubophisile ngoba phela ingane yami yanyamalala naye amasimba engane kumanje imoto yamfowabo ithathwe amaphoyisa kune.... Kusho uMkaZwane ezibamba. 

📱Kwenzenjani!!! khuluma MaMthembu esho ngezwi ezenza othukayo. 

📲Ngiyaxolisa ngalokhu engizokuzwisa khona kodwa kukhona ekumele ukwazi. 

📱Usuyangithusa ke manje maMthembu. 

📲Ngishayelwe amaphoyisa engazisa ukuthi uSikhumbuzo esemubophile ngoba ngamuvulela icala kwabe sekutholakala ukuthi izimpahla zomtanami zitholakale negazi, okusolakala ukuthi wamubulala awazi ngilimele kanjani Mabizela. 

📱Kodwa kwakekwasilaya ukufika kwalosathane wengane. 

📲Ugcine usachaza ukuthi kutholakale imoto kaSikhumbuzo njani njani. 

📱Mabizela inzima lendaba kodwa kumele uyazi kusho uMkaZwane ngezwi eliphansi. 

📲Akasekho emhlabeni usthembiso utholwe amaphoyisa emotweni yakhaya nomfowabo. 

📱Hhhaaaaaawu Hhhaaaaawu kodwa ngengane yami ekhala ocingweni iMabizela ezenza ongazi uMabizela. 

📲Phephisa qina mabizela wena ukuphi kanti awusabuyi kumfowenu. 

📱Asikho kulelizwe nomfwethu sise Swaziland sihambe ngokuyogubha amathuna abazali bethu ekuthiwa bagcwatshwa eSwaziland esho eqamba amanga aluhlaza uMabizela ngoba esaba ukusho ukuthi balashwa udokotela mbumbulu esigodlweni sakhe. 

📲Kwakubi ke ngoba noKhaya usele yedwa enkampanini kunzima Mabizela. 

📱Sizobuya kungekudala ngicela nje uzame ngakho konke okusemandleni ukuthi uSikhumbuzo ubolela ejele lesikhohlakali sengane egcolile kuyacaca ukuth ufuna ukudla lenkampani ngoba ubulale umtanami nomtanakho kuyacaca ukuthi uyena owabulala uMandla ngoba wayefuna nokuthi kuboshwe uKhaya khona lenkampani izowela ezandleni zabo. sekuyacaca nokuthi uMpume udadewabo wayezele umnotho wakwaZwane. 

📲Angeke ngisathemba lutho lakwaMadi makunje kusho uMkaZwane. 

📱Uzame nje ukuthi umndeni wakwaMadi awusondeli nhlobo kuZwane ngoba bazozama ukududa uZwane ukuthi avumelane nalento abahlose ukuyenza emindenini yethu njengoba sizwana ngalendlela bebona nenkampani yethu isindlondlobele ngaloluhlobo. 

📲Uyazi wangivula amehlo Mabizela angifuni nje uSikhumbuzo nomndeni wakhe usondelane nomundeni wami sengimubonile ushevu losathane wengane. 

📱Ngiyajabula mkaZwne ngoba uyabona inyoka ezoxova kulomndeni.

📲Impela usathane lomtwana... Manje awushoMabizela uzobuya nini kuzokwenziwa amalungiselelo ngoba umtwana wakho ugcinwe emakhazeni kahulumeni. 

📱Ngicela wazise uKhaya loludaba naye azobona inyoni esibulale umfowabo kodwa noSithembiso umtanami, kusho uMabizela ekhala. 

📲PHEPHISA Mabizela ngiyabazi ubuhlungu bokushonelwa ingane.. Kulungile Mabizela ngizomazisa ukhaya ngokushona kwamfowabo kusho uMabizela evala ucingo. 

📱Bye bye kusho uMabizela evalelisa nezinyembezi uambhekiseni emubuka ekhuluma. 

" Ey Mfwethu ibuhlungu lento ekuvelele ngikuzwa ukhuluma ngane kamama kusho uMbhekiseni elengise egaxe umlenze ukhonkiwe nengalo ikhonkiwe evuvukile umlomo uyintaba nezisini zivuvukele engenamazinyo ebomvu kebhu engakwazi ngisho ukudla encela amahewu iso lidumbe lavaleka. 

" Ngifuna ukuziphindiselela kulabafaba bakwaMadi kusho uMabizela ekhala ngendlela ebuhlungu. 

" Uyazi mfwethu ngiyasola ngeke ngiphinde ngihambe angilizwa nhlobo unyawo lwami lodokotela akabuye phela asihlole ngoba ubethe silale usasijove ngemjovo wokuthibaza izinhlungu kodwa manje ngiyezwa ziyabuya kusho uMbhekiseni ehla izinyembezi

" Mina ngizwa lapha ekhanda kungathi ngiwelwe yimbokodo mfwethu uyazi lomfana okuthiwa usikhumbuzo ngibonile ukuthi unonya usathane uqobo lwakhe akanazwelo, ngoba uthe uma engishaya ngengqomu ekhanda ngezwa isithende sesicathulo sakhe ngathi kuwela idwala ekhanda lami, ngithe ngisalele ngizwa lezo nhlungu intamo yami isakhonkekile wangiphakamisa wangithwala ehlombe waya egijima eqonde efasiteleni lemoto wangena ngekhanda lami ngadabula amaglass ikhanda lalengela emotweni kuthe kusenjalo wangidiliza ngonyawo amabhodlela ngawezwa engidabula nokuyilapho ngihanjelwe inqondo umzuzwana eyi ngiyayizonda lengane kaMadi ngifuna ufele ejele, ngizothinta uMathebula bathole umuntu ozobabulalela estokisini kusho uMabizela. 

" Labafana bakwaMadi banomuthi othile uyazi mina lomfana obebhekene nami bengithi ngizomhlula phela nami ngiyazazi ngiyashaya kodwa ngithe mangishaya uNathi wabamba isandla sami emoyeni waphendula ingalo yami ngayizwa iqhuma kuthe kusenjalo wangiphakamisa emoyeni wanhishaya ensimbini yemoto ngedolo ngabona ithambo lami ledolo into engingakaze ngiyibone ngamehlo yenzeka kimi..

" Mbhekiseni awubize inkabi yethu ihambe iyobulala uZwane uzokhuluma kuvele kubhede okuningi bese kuphume nalabafana bakwaMadi. 

" Zakhele!!! Zakhele!!! Zakhele!!! Kumemeza uMbhekiseni wabe esengena uZakhele ehamba nodokota womgunyathi. 

" Sanibonani kubingelela udokotela. 

" Yebo nsizwa ingabe usuzosicilonga kubuza uMabizela. 

" Awulinde imizuzwana nje dokotela sisafuna ukuhleba noZakhele inkabi okuyiyona eyabasindisa yabaleka nabo. 

" Kulungile bobaba esho ephuma udokotela. 

" Zakhele hamba uyobulala uZwane esibhedlela ePrivate eblock-C ungachithi sikhathi,kodwa ulinde kuphume izivakashi sekulele nodokota uzogqoka izimpahla zalodokotela wethu ubumbulale ngomqamelo kusho uMabizela. 

" Ok kulungile baba kusho inkabi ethatha ijazi likadokotela ethatha nejazi, isipopolo sodokotela,kanye nesibhamu waphuma wahamba

" Sewungangena dokotela kumemeza uMbhekiseni Nangempela wangena udokotela onedlu ehlathini waqalela ehlola emphendula enza konke

" Baba Mbhekiseni Mabizela im sorry to say this kodwa idolo lakho ngeke lisalunga kanti futhi kuchitheke nomkantsha ethanjeni ledolo kumele ngikunqume edolweni ukuze ungeke ubole umlenze wonke. Nengalo kumele siyinqamule usebenzise ingalo eyodwa ngoba nayo lena ibanjwe umsipha amathambo ahlukene endololwanemi. 

" hhhaaaaaaaawuuuuuu kodwaaaa sengizooooba yini emhlabeni kusho uMbhekiseni eqhuma ekhala ngendlela ehawulisayo. 

" Ngiyacela nje ukuthi ulale ngizokuthela ngogologo bese ufaka indwangu emlonyeni uyilume ukuze ungazilimazi anginayo phela i theater kuleli hontshi ngizobe sengikunquma ke esho emlalisa inhliziyo ibuhlungu ekhala kwaze kwazwela kuMabizela ebona kuhlinzwa umfowabo ehlinile ezwa ubuhlungu baqeda bashisa lapho enqunywe khona nge Ayini lapho bemhlinze khona, kwabe sekulandela umabizela ecilongwa. 

" Baba Mabizela unezicubu zamaglass kanti futhi nentamo yakho ilimale ithambo elihlanganisa intamo nomgogodla ngizokuhlinza ufake izincingo kodwa awusophinde ukwazi ukuphendula intamo kanti futhi nokuma uqondile ngeke kuphinde kwenzeke ngoba umgogodla wakho ulimele kwagudluka amathambo ngiyacela uhambe ngenqola, kudingeka ngikugubhe amanye amaglass asithele ezilondeni ebusweni

" Hhaaaawu kodwa yishwa lini leli. Mina ngithi kuzolunga kanti sesoba yizinto nje sobabili nomfowethu ngizoziphindiselela kwaMadi ngifuna ukubanquma imilenze wakhala umabizela eseqonde embhedeni wokuhlinzwa ekhala ebuhlungu emoyeni eyisilwane ebusweni ngenxa yemidwa yidwa yokudabulwa izingilazi

USiphamandla noMkaZwane bafika esibhedlela bathola uZwane ezumekile kungathi uyaphupha. 

" Ma.. Ma.. Ma... Mabi.. zela.... Ungangibu.... bu... bulali kuphinqilika uZwane ezama ukukhuluma kodwa umlomo ungavuleki kahle imihlathi ibophile. 

" Sawubona baba kubingelela uMaMthembu enyakazisa uZwane.

" ha... mba wena Ma.... bi.. ze.. la hamba kodwa kwakunzima ukuvula umlomo ezwakala kanzima

" Awu baba yimina umkakho kusho uMaMthembu edumala. 

" Mama uyamuzwa ubaba uthini kusho USiphamandla. 

" ukhumbule umngani wakhe ngizwa Mabizela. 

" Uthi hamba Mabizela mama awumuzwa yini kubuza USiphamandla eswacile. 

" Awu ubaba usadungeke ingqondo nje asingamhluphi ngemibuzo uyabona akasiboni kwathina nje kusho uMkaZwane egoqa izandla

Umazibuko wabe esengena namaphoyisa ukuzoqapha uZwane kodwa uMkaZwane wamangala

" Nicelelwe ubani ukugada ubaba. 

" Sisola ukuthi ulengela engozini nje mama Zwane. 

" Kuyobe nidudane noMpume nabafowabo abazenza abakhathalele lomndeni kanti bagaqele inkampani yomyeni wami, lalelani ke nginitshele zikhohlakali zamaphoyisa umyeni wami wayisebenzela kanzima lenkampani ehlangene noMabizela, ngicela ukuthi nihambele ekudeni nomyeni wami asidinge kucatshangelwa yinina losikhumbuzo onithumile uwumbulali manje usefuna nizobulala umyeni wami ukuze kufezeka amacebo ekhe okugcola. kusho uMkaZwane eshawoda amaphoyisa ememeza kwaze kwaze kwaphenduka amanesi esebanjwe yizinhloni amaphoyisa ephuma eswabile eyongena ekhumbini yawo eholwa uMazibuko

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !