INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 77

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 77

Ngakusasa indaba yokuboshwa kukaMdluli yayigcwele emaphepheni nakumabonakude njengephoyisa eliqavile uSikhumbuzo wayithatha iCCTV camera wayinika abezindaba kwabonakala konke ukuncola kwaMdluli ebethi ukuzama ukukwenza kwaNtshangase emzini kagogo kaSaziso. UMabizela noMbhekiseni babezibukela umabonakude wasesibhedlela 

📺Sinibingelele babukeli izindaba zehora lokuqala emini nizifundelwa uThandeka wakwaMthethwa ezihamba phambili ezokushona kuka Constable Mdluli obaziwa kakhulu ngokubamba izigebengu eziyingozi ubesesebenze iminyaka engamashumi amathathu kulesiteshi samaphoyisa, ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla kwamenza waziwa kakhulu egoli nokwenza ukuth uMinister wamaphoyisa wafisa ukumazi. UMdluli ushona nje ubekade ebophe umfana owaphuma engena cala emva kokubanjwa umdluli amuvalele ezinsimbini, kodwa kubukeka ngathi uMdluli akazange asamukele isinqumo sejaji nokwenza wazama ukubheca umfana omncane ngobende inyama engayidlanga kodwa nakhu okubonakele kumaCamera📺kwavela ehudula isidumbu elengise neskhwama esatholakala esithukusile, kwavela ejaha uSaziso... Kwase kuvela lapho ezama ukugenca uSikhumbuzo ngocelemba belwa evika elwa uSikhumbuzo wamshaya kwaphuma amazinyo intamo yaphaqaka wafola phansi wamukhumula isigqoko sokuzifihla ubuso. 

" yesesssss  uyalwa lomuntu yerrrrr kubabaza odokotela namanesi neziguli. 

" Ay anithule umsindo kubhoka uMbhekiseni enyanyile egane unwabu. 

" Angazi bachazwa yini izithutha lezi ezinesinyama ngoba lezinja zakwaMadi zihambe zigxambukela nje ezindabeni ezingahlangene nazo kusho uMabizela ecasukile kuthi akaqhume. 

" Kambe uye lobhuti wayekhona ngenkathi uSaziso esecaleni kubuza na amanesi ebuka uSikhumbuzo elwa kumabonakude ehamba ngomzimba bamuthanda bebona iqhawe livikela umfana linqoba umuntu ophethe ucelemba.

" Hhuye lona wafika lana esibhedlela ehamba nobaba wakwaZwane ethekwini ngenkathi lobaba ekinyeka besho bekhomba uMabizela ngekhanda engezwa. 

'' Mhh ay cha uyalwa shame kusho amanesi. 

" Sesizolokhu sibuke izishwapha zenu manje engabe ninakekele iziguli kusho uMabizela ecasukile edelela amanesi.

" Lobaba unesibindi wamuzwa esevuma ukugcola kwakhe ngenkathi izimpande zimuthandele kusho uNesi oyisidudla.

Kuthe nje kusenjalo kwangena udokotela waqonda kuma files abo. 

" Eh Sanibona madoda kubingelela udokotela. 

" Yebo dokotela. 

" Ngiyajabula indlela eniqhuba ngayo iBP yenu ikahle, ukushaya kwenhliziyo kuhamba kahle namhlanje niyahamba niyephuma niya ekhaya kusho udokotela ebhala. 

" Cha dokotela indlela yabo Iya estokisini samaphoyisa kusho iphoyisa lisondela. 

" Oh Yah sengiyakhumbula kusho udokotela ebakhumula ama drip. 

" Dokotela mtshele ukuthi asikulungele ukungena ezitokisini ngoba iziboshwa zizosibulala njengoba ubona no Mdluli ebulewe. 

" Inkantolo enquma lokho kodwa nakhona kuyalandelelwa ukuth kube khona yini ushintsho emveni kokusolwa emacaleni akho kusho udokotela evala ama file. 

" Dokotela lamadoda amabili Kuthe noma belele kulesibhedlela benesaqhubeka nokugcola ngikhuluma nje uMdluli ubesuka kubo ngenkathi ezama ukubheca umfana omncane ngobende. 

" Amasimba lawo wena mantshingelana ohola ama cent kusho uMabizela. 

" Nakhu sizonyelwa imfene ekhuluma into angayazi kusho uMbhekiseni ethefuya ngezisini zakhe. 

" Nina niya estokisini nizovalelwa nabaxhwale njengani ngoba noma ningacabanga ukuthi nizozwelwa kodwa ngeke niye emakhaya ngoba izinqondo zenu zibolile, nixhwalile kodwa anikuyeki ukubulalisa abantu sengilulandelile udaba lwenu kusho uZakwe iphoyisa elibagadile. 

" Sewungabathatha phoyisa udlule uthathe amaphilisi kusho udokotela efulathela. 

" usikhiphelani esibhedlela lomsangano ngoba asiphilile kusho uMabizela ebuka udokotela eyosithela

" Benicabanga ukuthi nizohlala unomphela lana kusho uDetective Zakwe. 

" Wena ngathi uzifundise u kuphendula noma kungakhulunywa nawe ubofunda ukunaka izindaba zakho kusho uZakwe ebaqubula ngamunye ebafaka ezinqoleni becasuke befile bebukwa yiwo wonke umuntu sebeyongena evenini yahamba njalo imoto bangeniswa ezitokisini bavalelwa bobabili ukugwema ukuhlushwa yiziboshwa kuze kube kufika ilanga lecala. 

" Wasiphendukela mhlaba uyazi bengingakaze ngizibone ngikulendawo kusho uMabizela kwehla izinyembezi uhlezi estokisini. 

" Okungizwisa ubuhlungu asinabani ongasisiza kulobunzima esibhekene nabo noMamthembu usekhaya laba dala lenja ewuZwane imukhiphile ezimalini kusho uMabizela ebuhlungu emoyeni

" Asinayo nemali yommeli obezosikhipha kulelibhishi esivalelwe kulo. 

NoZwane washayelwa ekhaya labadala isimo sesisibi impela. 

📲Baba Zwane siyacela uphuthume lana EOld age home umkakho uyadlikiza kodwa izwi seliyaphuma kancane ukucelile kusho umphathi wekhaya labadala. 

📱Ngiyeza kusho uZwane evala ucingo. 

USikhumbuzo wayelokhu eseGoli kubo kaSaziso eselungiselela ukubuya ethekwini. 

Wezwa kungena ucingo. 

📲Hello. 

📱Sikhumbuzo ungabe usabuya ngapha ethekwini nami ngiza lapho eGoli kulelikhaya labadala okwangena kulo umkami ngidinga ungiphelezele angisathembi uma ngihamba ngedwa uNathi usemusebenzini. 

📲Akunankinga baba. 

Wabe esevala ucingo uZwane wababikela kwaMadi ukuth uzohamba no Siphamandla udingeka eOld Age home. 

Bahamba bangena indlela uZwane noSiphamandla bafika eGoli bahlangana no Sikhumbuzo balibangisa kuMkwaZwane bamufica eselingana nezingubo enciphile amehlo eseshone phakathi bashaqeka kakhulu

" Sawubona mama kubingelela USiphamandla wavusa ikhanda uMkaZwane ehla izinyembezi ebuka umyeni wakhe noZwane zavele zehla izinyembezi ekhumbula ukakhe beshada ethi uyomthanda ebuhleni nasebubini. 

" Ngicela ungixolele myeni wami kukhokonke engakona ngakho sengiyahamba emhlabeni ngicela ungikhulisele kahle USiphamandla abe yindoda eqotho ifane nawe ngiyazisola kubobonke ububi nokungathembeki engibe yikho emveni kweminyaka engaka ungenzela yonke into ekhuluma nje zigobhoza izinyembezi kuZwane.. Azange ngibone indoda inkosi engiphe yona kodwa ngaluthwa yize ngona angikusoli ukungilahla kwakho kodwa ngifisa wazi ukuthi inhliziyo yakho angeke ingikhulule ngihambe nginokuthula kusho uMkaZwane sekubuhlungu nakuSikhumbuzo no Siphamandla wababuka walula isandla ebuka uSikhumbuzo amehlo egcwele izinyembezi kusikhumbuzo ebona esehamba ugogo kaManqoba ekubeni wayezama ukumkhuza wasilula isandla no Sikhumbuzo. 

" Mfanawami ngicela ungixolele ngenkani engaba nayo ngakuxosha ngakubophisa ngiyazisola kakhulu angikholwanga ungisindisa ngigaladele emseleni ngiphukile wangisa esibhedlela uthukuthele unjalo kodwa wangisiza waqhasha umuntu wanginakekela ulungile mtanami uMadi wazala ngifisa ungaqhelelani nomndeni wami mina kungifanele lokujeza ngoba kuwe inkampani umyeni wami ayijulukela ngenxa yami, kwafa uMelusi noSithembiso ngenxa yami ekhuluma nje uSikhumbuzo wahluleka ukubamba izinyembezi, wase ebuka USiphamandla uMkaZwane 

" Ndodana yami unakekele uManqoba indodana kaMandla imbewu yakwaZwane ihlume ngani mtanami ungamlahli ingane kamfowenu, ungaqheli emndenini wakwaMadi ngiyaxolisa kakhulu spha kamama

" ungumawami kusho uSiphamandla ekhala elala esifubeni sikanina. wasondela noZwane.

'' Ungilimazile emoyeni mkami kodwa uma uSikhumbuzo wakusiza yize wayekuthukuthelele kusho ubumnene nami ngiyakuxolela MaMthembu esho ebamba isandla sakhe wathi uma eqeda ukusho lawomazwi uZwane waphuma umphefumulo kumkakhe bakhala eside isikhathi uZwane noSiphamandla uSikhumbuzo ebagaxile ebabeka esifubeni sakhe ebaduduza ziconsa nakuye izinyembezi ebabona bebuhlungu emoyeni. uZwane wabe ewavala amehlo omkakhe bekhala ebuhlungu emoyeni

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !