INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 70

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 70

Kuthe uma sezifikile ethekwini izinsizwa ezihamba noBhubesi zabuza ukuthi ingakuphi indlela elibangise esinqawunqawini, bakhomba abafanyana abancane ukuthi ingakuphi indlela nama bodygaurd kabhubesi ayeqala ukumubona ekulesiya simo, intukuthelo ayayibhalwe ebusweni yayikhomba ngokusobala ukuthi uzimisele ukubulala

" Madoda masifika kwaMadi sibulala konke okukhona ngisho kwakati lakhona ngifuna bezwe lobuhlungu engibuzwayo lezinja ezingibulalele indlalifa yami umtwana wami okungukuphela kwakhe.

" Sizwa kahle boss kuvuma izinsizwa ezinamandla ezizethembayo.

" Umuntu obulale ingane yami ngifuna ukumkupuluta amathumbu ngimufunze wona awadle ephuma esiswini sakhe ngiqede ngimuqhumise isiphongo ngenhlamvu anginyelwa yinja yakomunye umuzi.

" Kunjalo bhubesi kuvuma izinsizwa.

" into engifuna siyenze ngifuna sidlwengule udadewabo phambi komndeni wakhe ubuka bese siqeda sibabulale 1by1.

" Khululeka boss bazokukhokhela abakwenze emndenini wakho.

" Manje boss sizobalanda endlini noma sizobacuthela.

" Hhay ukucutha kwani mina umuntu ngimukhipha endlini usukhohliwe yini ukuthi nabakweleda mina ngibathatha ngibaxhomfe ngemfologo indoda igone amathumbu.

" Ohk kusho ukuthi komele sibazume kodwa nje ngifuna bezwe ubuhlungu abangazange bakwenze empilweni yabo, ngifuna ukubazwisa ubuhlungu bese badabula amafu ngoba angisineki nezinja ezingenamazinyo mina ngazi izelelesi manje uMbhekiseni ungitshela ngoshizi boy.

" Komele sibathumbe ukuze uzobazwisa ubublungu nawe uzanelise ngokubashaya.

" ngizobanyisa thula ubuke ngcono ngoba niyangazi mina angidakelwa yinja kuthuleke.

" Sesisondele bafana ayihlome ivive ngifuna masingena lapho kilale uyaca angifuni babe noshansi ngoba sibahlanu futhi siyaphoqozana seningisize kakhuku nikoleka imali yami yezidakamizwa.

" Akekho oyokuthinta sikhona boss

" Ngifuna nimudlwengule niphindelele uLoMpume wakhona ngoba uyena owenze ukuthi uSimangele aboshwe.

" Khululeka boss konke kumi ngomumo.

" fihlani izibhamu ngoba angifuni sisolise kodwa ngifuna kube ngathi size ngesihle kusho ubhubesi efuna inombolo yendlu.

" Ingabe yiwo lomuzi boss.

" Yebo yiwo kanye ngifuna sishiye kulele uyaca kulendlu kodwa uma ngibuka ngathi isango lakhona livulwa ngeremote control kusho ubhubesi.

" ya nami ngibona kanjalo kodwa sizozama ukwewa.

" Hhay angifuni seqe ngifuna singene bukhoma ngizocindezela inkinobho ophumayo ezovula isango uzozwa kahle umbhobho wesbhamu ukhomba isiphongo kusho ubhubesi efaka izinhlamvu esibhamini sakhe. 

" Manje boss sizokwazi ngani ukuthi imuphi uSikhumbuzo imuphi uNathi. 

" Akusenandaba kuthi ubani isifiso sami ukuchitha igazi kufe yonke into ekhona ephefumulayo kusho ubhubesi 

" Mina ngifuna ukuth senze njengokusho kwakho boss kusho izinsizwa zilungisa izibhamu

" Sabela wena uzongena uzenze ofuna ukuboleka isipanela semoto sikhiphe isondo kusho ubhubesi.

" Manje boss uma kukhona ingane encane senze njani kubuza izinsizwa.

" Bulalani konke ngisho nokusemhlane mgisho nokukhasayo angithi eyami ingane ibulewe akunjalo kubuza ubhubesi ekhumula esala ngevest

" Kunjalo boss.

" Hamba ke Sabela ufike ucindezele okokukhuluma bakuzwe endlini kuyothi uma kuvuleka uyokhomba oseduze mina angikhulumi ukuthi ngizolokhu ngiya le nalena ngifuna ukushiya kufiwe kulomuzi kodwa into engiyifunayo ukuthi sishintshane ngayo siyidlwengule kubuka ngisho nabafowabo kusho ubhubesi.

" ha ha ay cha boss usuza ngomunye ushuni kuhleka oyedwa wezinsizwa.

" Hamba ke uyongena kusho ubhubesi ebukisisa kwaMadi wabona kunezinja ezimbili ziqhaqhiwe zibizwa ngamapitbul abanye bathi amachina dogs

" ok kulungile akengiyongena kwaMadi esho ephuma evala umnyango wemoto insizwa eyodwa yafika yacindezela inkinobho yeAlarm kanti bahlezi bonke baphelele umndeni wakwaMadi.

Yakhala iBell 🎶🎶🎶🎵🎵🎶

Sikhumbuzo ubani lona osesangweni awuphume uyobheka kusho uMadi.

" Ok kulungile baba esho esukuma kodwa uthe uma ebeka iLaptop yakhe wanaka ukuthi kunemoto evezwa icamera ekhombe emgwaqeni kwaMadi. 

" Hhay bo kungathi indoda thize ayiphendule isesangweni akengiyibuze ifunani kusho uSikhumbuzo.

" Yes mfo singakusiza kubuza uSikhumbuzo ebuza ngombhobho

" Yebo besicela nisiboleka isipanela semoto sifelwe imoto kusho iinsizwa egada ubhubesi. 

" Ngicela ulinde lapho esangweni kusho uSikhumbuzo eyophuma ngomnyango. 

" Sikhumbuzo yima kusho uMpume elunguza ebuka izinombolo zemoto engajwayelekile. 

" Yinindaba Mpume kusho uSikhumbuzo ejika emnyango. 

" Yimalapho ngizwa angiyithembi lemoto esho ehamba eya ekamelweni lakhe uMpume ephethe umtwana bese ebuya nebullet proof vest(isivikela nhlamvu) 

" Hawu Mpume sekuyaliwa yini dadewethu esho eyamukela egqoka. 

" Ey bhuti wami uyazi mina angisazithembi nje izimoto ezifika zime kusho uMpume ehlala phansi aqhubeke nokufunza umtwana. 

Waphuma uSikhumbuzo waqonda khona. 

" Siyaxolisa ukuhlupha sidukile mfwethu sicela usiphe amanzi bese  usiboleka ispanela semoto kusho uBhubesi esondeza isandla esibhamini sakhe. 

" Hhawu phela ukuphuka kwemoto asizenzeli kusho uSikhumbuzo ebuka indoda enkulu elingana naye ngamahlombe nangezingalo, idle ngezikhwepha nobuso obumnyama bhuqe nentshebe egundwe yazungelezela umlomo.

Uthe uma esondela uSikhumbuzo waveza isibhamu uBhubesi. 

" Ungabe usanyakaza kusho ubhubesi emkhomba esifubeni. 

" Hauw kusho uSikhumbuzo ephakamisa izandla. 

Kanti uyabuka uMpume njengephoyisa uhleze esola okuningi. 

" Nathi woza obona kusho uMpume efasiteleni. 

" Vula isango ngisafuna ukudlala i sekisi nodadewenu esho ehlina eqinisa imihlathi uBhubesi. 

" Hhay bo uSikhumbuzo ukhonjwe ngesibhamu kusho uNathi ekhumula iJacket ethatha isibhamu eyophuma ngomnyango ongemuva.. 

" Ngithe vula la nja kusho uBhubesi eveze isibhamu ngesango. 

" Ok ngiyavula esho ecindezela iRemote yakhe kuthe uma kusavuleka uSikhumbuzo wahlehla. 

" Iphi ungane yami kubuza uBhubesi bebukana ezinhlamvini zamehlo bethintana ngezifuba bebade. 

" Wathula uSikhumbuzo wazizwa efutheka ephefumula kukhukhumala izifuba. Zehla izinsizwa zabhubesi zazungelezela uSikhumbuzo. 

UMpume wathatha umtwana wanikeza unina. 

" Mama hamba ekamelweni lakho nobaba nivale ningaphumi. 

" Lalela ke mfanwami mina ngiyibhubesi elimidwa yidwa ngiyinja ezikhotha amanxeba, ngiwubhejane esiqiwini ohlaba abafokazane, ngizwile ngawe mfanomdala namhlanje ufike kwanqingetshe mfanawami, namhlanje uzobona inja iluma izikhotha amanxeba mina ngihleze nginukelwa igazi esho ebuka uSikhumbuzo emehlweni besondelene ngamakhala. 

" Kodwa namhlanje unyathele enyoka emsileni, kuseSinqawuNqawini la kusho uSikhumbuzo ekhuluma ngokukhulu ukuzethemba nokwathusa amabodygard akhe. 

📲Hello it Detective Madi Ngicela iback up ngathi sihlaselwe kusho uMpume ekhuluma nocingo ebiza ozakwabo abangamaphoyisa. 

Akekho noyedwa owayazi lapho uNathi ayekhona ngoba bagcine ephuma ngomnyango ongemuva. 

" Hhawu kodwa ilokhu basifunani layikhaya zenzeni izingane zami kusho uNkosikazi kaMadi egone umzukulu wakhe. 

" Engathi izingane zami kumele ziyehle lento yakwaMadi manje ngoba selokhu kwashona uMkhwenyana wakwami uMandla izingane zami azinakuphumula kusho uMadi eduduza uNkosikazi belunguza ngefasitela. 

" Ohhhhh ngiyakhuluma uyakhuluma kusho uBhubesi ebuka uSikhumbuzo emehlweni zasondela izinsizwa zabhubesi zazuma uSikhumbuzo. 

" Khululekani bafana kubhonga ezimalunda lunda manje, ngiyabona uzizwa amandla lojakalasi. Esho ekhumula ehamba ngomzimba kwavela ezinkulu izifuba kubhubesi namahlombe amakhulu nentamo ewugqinsi. 

" kuthe ngawo lowomzuzu uMpume wathatha isibhamu sakhe egodle ingalo yakhe ngebhande ihlombe libhandishiwe. 

Waphuma ngomnyango wangemumva wagudla ngendlu yakubo eyayinkulu wahamba ngasezihlahleni ezwa izinhlungu zomthungo we operation aba nayo ehlombe. 

Kuthe kusenjalo uMadi walunguza futhi wathuka woma wahamba wafuna ukuyolamula, kuthe nje makuvuleka umnyango amehlo kubhubesi abheka kuMadi. 

'' Kodwa nifunani emzini wami nezikhali kusho uMadi esemnyango. 

" Hhey wena khehla ndini kusho uBhubesi ekhomba uMadi ngesibhamu. 

Kuthe ngalesosikhathi uSikhumbuzo washaya isandla esinesibhamu kuBhubesi wase emvusa ngesicathulo emasenden*" " Ahhh dubulani kusho ubhubesi ebambe amasend* kodwa uSikhumbuzo wagijima eqonde kubaba wakhe emumboza ngomzimba onesivikela nhlamvu bedubula imvula yezinhlamvu wamuphushela endlini wakhipha isibhamu washaya inkabi eyodwa ehlombe yawa phansi ikhala imemeza. Wathi uyadubula uBhubesi washaya uMpume ngenhlamvu kwenye yezinkabi kwawasala ezintathu seziqhiyeme ngobonda lwestop nonsense, kanye nobhubesi becuthile. 

" Namhlanje nifike kwanqingetshe zinja kusho uNathi eqhamuka emoyeni esuka phezu kophahla lendlu wawela enkabini eyodwa kwawa isibhamu, kuthe nje izinkabi ezintathu zisadubula uNathi avike ngalenkabi ebisadiyazela idubuleke ekhanda ife ekhanda iwe phansi. 

Kusale izinkabi ezimbili ubhubesi wanyonyoba wafuna ukunyamalala ezihlahleni ezazigcwele ijalidi. Weza uMpume washaya eyodwa inkabi isazulazula kwasala eyodwa, kuthe isibona ukuthi bayaphela yavuka ibaleka. 

" Boss asibaleke ibhemile. 

" Yey isho ikhomba ibodygard eyodwa ngesibhamu. 

" Yini manje boss ibuza ithukile. 

" Angihambi ngingabulalanga muntu lana kusho ubhubesi ekhombe ibodygard ngesibhamu kuthe kusenjalo abone ngembobo ivuza igazi esiphundu sebodyguard inhlamvu iqhamuka ngemumva engasasineki uMpume. 

Wathi uyadubula uBhubesi wabe esefikile uSikhumbuzo emdudula ngehlombe eqinise izingazingalokazi waqinisa nobhubesi wamuphendula wamudibha phansi wazama ukukinya uSikhumbuzo waqhaqha izandla zabhubesi sebemisipha sipha ezifubeni nasezingalweni, wahlina uSikhumbuzo wamuphendula eqinisile  izandla  wamubuyisa phansi wabuya phezulu uSikhumbuzo. Wamushuda ngezibhakela wamukinya wasabathe uyazazi uBhubesi kwasho ukuthi ukuthukuthela kwaSikhumbuzo kwasekungenhla eseyibhubesi uqobo lwalo. 

" Sikhumbuzo muyeke muyeke bhutiwami kumele aphendule lona sazi ukuthi uthunywe ubani kusho uMpume encenga umfowabo emdonsa kodwa eqinile kungathi inkunzi uboshwe emthini. 

" Sikhumbuzo muyeke bafo kusho uNathi emdonsa eqinisa izingalo uSikhumbuzo eqinisile enqamula uqhoqh indoda yachama waxega wasukuma esethukuthele ngendlela emangalisayo. 

" Woza lana wena kusho uNathi egxavuna uBhubesi. 

" Fu fu fu fu fu segi kusho ubhubesi ebomvu kebhu ekhuluma ekhafula igazi ethinta umphimbo wakhe lapho ubekinywa khona uSikhumbuzo ezwa kungathi ubencinywe ujantshi. 

" Uthini kusho uSikhumbuzo embamba ingalo wayiphendula yaqhuma kwavela ithambo kuthe kusenjalo uWazwa ngesicathulo edolweni kwavele kwaphaqaka umlenze kwaphenduka inkomishi yedolo yalunguza enyameni. 

" Aaaaaaaaaaaahhhhhhhhhhhh aaaaaaweeeeee kukhala uBhubesi ezwa ibuhlungu ayengakaze abuzwe  wawa sakukhasa. 

" Uthunywe ubani kusho uMpume umvusa ikhanda. 

" Tseg Sfeb* ngibulaleni

" Isifebe ilesi kusho impume emukhuphula ngesicathulo unyawo lwabhajwa emlonyeni amazinyo ahlala phansi wonke. 

" Aaaahhh Awwee ahh eishuuuuuu kukhala uBhubesi. 

" Good dadewethu kusho uSikhumbuzo eqhelisa uMpume emuletha eceleni. 

" Uthunywe ubani ebuza emgxavuna uSikhumbuzo. 

" uMbhekiseni uyena othi nibulale umtanami ethi uzama ukudonsa isobhamu sampume ezwe ngenhlamvu ekhanda edutshulwa elinye lamaphoyisa abizwe uMpume afike esenyonyoba. Zanqoba kanjalo izingane zikaMadi namaphoyisa abhala istatimende kwavela ukuthi bebehlaselwa bezivikela amaphoyisa ashutha izidumbu sezimile izelamani zakwaMadi zibukela ukuqoqwa kwezidumbu zingena kumahheshe.

Nisebenzile bantabami kusho uMadi ebuka imihuzuko kubafana bakhe.

" Asingeneni endlini kusho uSikhumbuzo ejulukile emanzi nte.


Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !