INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 71

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 71

Kuthe ngesikhathi sokudla esibhedlela kwafika abaphathi besibhedlela esizimele esibiza imali ephezulu ngoba ukulaliswa emubhedeni ngosuku unakekelwa kubiza R11 000 bafika babuka amabhuku nakuComputer babona ukuthi uMabizela akasakhoni ukukhokhela iMedical Aid. UMbhekiseni naye imali edonswayo ayizange iphelele base beza kubo emibhedeni yabo ngokuhlukana.

" Mr Mabizela siyaxolisa ukusho ukuthi ayisakhokhelwa iMedical yakho manje besicela umbhede kusho owesilisa ephethe amaphepha.

" Hhawu kodwa umuntu waze wambozwa yifu elimnyama kwaMabizela ngicela ningipha ithuba kusho uMabizela ehawulisa ekhuluma ubuso butshekile ingalo igoqene. 

" Siyaxolisa baba usuvele usemuva uhlale ngokweqile emalini eyiyasesele. 

" Akeningiqhube ngenqola yami silukhulume loludaba nomfowethu. Nangempela bamusa kuMbhekiseni bamuthola ehlaliswe ngomhlane kowakhe umbhede kwazise balala esibhedlela esidulayo umuntu ulala ngamunye embhedeni wakhe ebhekwe umabonakude, ukhethe ukudla okuthandayo unikezwe amabhuku ukuchitha isizungu.

" mfowethu nawe usufana nami sesiyizinto eziqhutshwayo nje usunjani ngane kamama kusho uMbhekiseni. 

" Ewu mfwethu sizothini ngoba umuntu umbozwe yifu elimnyama kodwa akumele sivumele isimo kusho uMabizela. 

" Asihlaleni odabeni boMabizela ngicela ukusho ukuthi sesicela imibhede ngoba isikhathi senu sesiniphelele kulendawo. 

" Awu uthini kanti manje mfo kusho u Mbhekiseni.. 

" Nami usengazisile mfo kumele sigoduke siye esibhedlela sabahluphekayo kusho uMabizela. 

" Hhay bo ndoda mina imali yesibhedlela ingena njalo akukwazi ukuthi ingabe isiphelile niyadakwa nina kusho uMbhekiseni ekhuluma kuconsa amathe. 

" Sesiyibizile neAmbulance ezonihambisa esibhedlela lindani lana ngiyabuya nizolandwa. sikahulumeni kusho indoda yesudi. 

" Mbhekiseni wena awusenalutho impela nje kubuza Mabizela edangele ecabanga esebukwa abantu ekubeni ubaziwa njengenjinga yetheku. 

" Mina bengiyibeka imali kusho ukuthi uSimangele ubenaphaza imali ngoba I business account ngayivula naye kokunye bengisayina ngingafundanga kusho uMbhekiseni ekhamisile.

" mina ya freeze eyami futhi ngiyazi ngizophoqwa ukunikeza abasebenzi imali isinxephezelo sabasebenzi abafela enkampanini yami ngoba ngisolwa nasekukwabaniseni ngoba angazi uKhaya wenzani enkampanini yami noZwane ngibone imiyakezo kumakhalekhukhwini wami kubi impela mfwethu asisenalutho ayikho iyenzanjani asiye khona esibhedlela sikahulumeni lapho nikeliswa khona ngemibhede kuhle kwezidumbu emoshali, sesiyolashwa abantu abahudula imilenze nezibhakuza zezinqa behudula imigxusha yemilenze  kusho uMabizela ebuhlungu emoyeni. 

" into engidina tu ngizothi noma ngisezinhlungwini kulokhu kuquma umuntu eduze kwami bahude benze konke kusho uMbhekiseni evuswa ehlaliswa esitulweni samasondo. 

" Usho uliphinde lelo mbhekiseni mina nje bengingakaze ngizibone ngingena esibhedlela ohlala emabhetshini unganakwa. 

" UZwane angeke akusize ngoba naye inkampani seyenza kabi ngifisa ngabe umkakhe akaboshiwe ngabe uyasisiza manje kusho uMbhekiseni. 

" umkaZwane usho ubani ngoba uMaMthembu uzwa lena yami inhliziyo futhi ngizozama ukuthi uma silulama ngimeseke ngifuna ukumugqugquzele ukuth a divorce noZwane khona azothola ingxenye yemali yedivorce, konke nomuzi kaZwane kuzowela kuyena lomfazi ngiyobe senginethezeka embhedeni kaZwane ngizitike ngomkakhe isiwile nenkampani yethu lena esayiqala sobabili ngoba yena usenawo amasheya. 

" Hawu uyazi uyakhuluma ke manje kusho uMbhekiseni. 

" Kodwa manje mina ngisabela into eyodwa mina nawe silengelwa ijele akukwazi ukuthi siboshwe mfowethu kusho uMbhekiseni.

" Kuboshwe bani uyazi mina ngicabangani mbhekiseni. 

" Ucabangani

" Ngicabanga ukuthi sishitshe amagama nezibongo sivele sidayise lapho besakhe khona seqe umncele siyohlala eBotswana singaphinde silibone elakuleli. 

" Uyazi wakhuluma into enomqondo mfowethu kusho uMbhekiseni ngenjabulo kuvela izisini. 

" Mina into ekumele ngiyenze ukuthi ngikhulume nomkaZwane ukuthi uma kwenzeka uZwane ethola ngobudlelwane nakhe naye anganqabi uma efaka incwadi yesahlukaniso. Khona u50%wezimali zikaZwane uzowela kuye njengonkosikazi wakhe nokuyilapho ngiyobe sengimutshela azilethe ugameni lami sizoqala ibhizinisi nokuyilapho sizoshaya sichithe siye ebotshwana. 

" Ngiyakuthada mfowethu ngoba uhlezi unobuhlakani ekucangeni ukwenza imali. 

" Uyabona mbhekiseni umkhulu ozala ubaba wasigcoba ngensimu manje ngeke sihlupheke kumele masiphuma lana sithenge umhlaba omkhulu eBotswana ngoba ngiyathemba uZwane unawo amaMillion aseBank komele nje ngirhathe inxenye yemasheya enkampanini yethu bese iyawa ngoba ngeke akhone eyedwa ngihambe ngingabheki emumva.

" Ay uchithile ekhanda mfwethu kusho uMbhekiseni echazekile

Kuthe kusenjalo kungene izindaba kumabonakude. 

📺Ngibingelele babukeli izindabeni zehora lokuqala nizifundelwa uThandeka Mthethwa, ezihamba phambili kubikwa ukuthi kunamadoda abekade ehlasele umuzi wakwaMadi kodwa zilwile izinsizwa nosisi wabo oyiphoyisa ukusiza umndeni wabo akwaziwa imbangela yalokhukuhlasela kodwa nenhlanhla akusho angaz muntu emndenini wakwaMadi kodwa ngeshwa akusindanga noyedwa kubahlaseli namaphoyisa afikile kulokho kuhlaselwa ebizwe uDetective Madi. 

" Aghaaaaaaahhhhhh maaaaaaaan kanjaaaaaaaaanni manje ayisuka uMadi uzipha umuthi lezingane kumemeza uMabizela eze ecishe ephalaza. 

" Shhhhhhh yehlisa izwi mfwethu sizosolwa ngoba phela nabanye bayabukela kusho uMbhekiseni ehleba. 

" Ngithuleleni maan Mbhekiseni buka impilo yethu injani!!!! Kuyakuthokozisa ukusibona sinjena kusho uMabizela kwehla izinyembezi. 

" Labafana bakwaMadi liyeza elabo ilanga kusho uMbhekiseni inhliziyo igaya izibozi.

" Asambeni madoda kusho uNesi wesilisa ebagquba bakhishwa sebeyongena kuma Ambulance belibangise esibhedlela esikhulu egoli bafakwa khona balaliswa emubhedeni yahoo besondelene kukeliswe imibhede, becasukile ukuth abasenamali bebukwa ikakhulukazi uMbhekiseni ngoba ubaziwa njengendoda enemali aziwa egoli. 

" Ningibukani nina bomaswela imali kusho uMbhekiseni ethefuya elenga amathe ethetha bemushutha abanye benza ngaye ihlaya ezinkundleni zokuxhumana

" Mina ngicasulwa nawululala egumbini elilodwa nezesweli sinakekelwe iNesi abangenalo ulwazi olusezingeni kusho uMabizela bemufaka I pampers esezimoshile nesigubhu somchamo sesigcwele. 

" Hhay bo mkhulu musa ukusidelela wena ngizokuyeka uma uzosidelela kusho iNesi licasukile. 

" Uqinisile umfowethu nina nidelela kabi sihlale sizwa ngobudedengu benu niyadelela futhi ninjalo woza uzongisula amathe ushintshe nansi isigubhu somchamo kusho uMbhekiseni ngesandla sakhe esigoqene econsa amathe. 

" Hhay bo akenizongizwisa nayi imihlolo yami kusho iNesi liyobiza amanye amanesi.. 

" Nisibukani bayanibiza nani seniqhuba amakhanda niyeza engabe nishintsha lamashidi enisilalise kuwo engathi ama under ezinhlanya kusho uMabizela ikhanda likhonkobele. 

" Nina zisazoqonda ngiyabona nazigcina nisenemali kusho uNesi esuka edishizela ebafulathele.. 

" Angithi uyabona ke mfwethu ukuth ngike ngasho ngathi bazi ukudishizela nje buka akasesulile amathe emilonyeni kusho uMbhekiseni. 

" Saze salahlwa endaweni ephansi buka nje neziguli ezikulendlu ziyakhwehlela asazi noma baphefuza iTB kusho uMabizela. 

" Angeke ngimangale makungavumbuka izintwala kulemibhede ngoba kuphinde kuthathwe neyezinhlanya ilethwe lana kulaliswe iziguli kusho uMbhekiseni.

" mmmhh cha ibhadi phela leli ukuzithola ngibeke umhlane wami kulesibhedlela kusho uMabizela. 

" Akulona nebhadi ishwa uqobo kusho uMbhekiseni.. Kodwa ngingayitholaphi indlela yokulaliswa esibhedlela esiphilayo ngoba ngizophuma sengihlanya ngekhanda kulelihhoko kusho uMabizela.

" usasho ihhoko indlu yezingulube lena Mbhekiseni kusho uMabizela enyibile kungathi imunukela kabi indlu abalaliswe kuyo. 

" Wemakhehla ashayele umhlaba anisiyeke. 

" Uwena oshaywe umhlaba ntombazane ngoba imnyama ngathi ushaywe iZulu kusho uMabizela. 

" Julia woza woza uzosebenza ngapha kulewodi hhhhiiii Hhay ngeke kusho usisi wabantu ephuma ekhala. 

" Usho kungani ukuthi sishaye umhlaba lenqwaba enezingalo ngathi izingalo zobhejane kufakaza uMbhekiseni. 

UMkaZwane wadlikiza wakhishwa waphuthunyiswa esibhedlela sasegoli lapho kulele uMabizela esuswa ejele estokisini samaphoyisa. Indaba yakhe yavezwa ezindabeni babona uMabizela noMbhekiseni kumabonakude obukwa yiwo wonke umuntu ewardini. 

" Anuthule umsindo nina zidwedwe kusho uMbhekiseni ebuka kabi iziguli ecijisa indlebe ebuka umabonakude. 

" Hhay bo isinqandamathe sami phela lesi esilethwe kulesibhedlela kungani bamulethe kulesibhedlela kusho ukuth bayazama odokotela bakhona ukubona bona isifo kusho uMabizela.

📺Kubikwa ukuthi UNkosikazi kaZwane ukhishiwe estokisini wangena esibhedlela sasethekwini. 

" Hhawu ngesithandwa angafi engaka divorce uZwane sami kusho uMabizela ebuhlungu emoyeni. 

" Ey uqinisile kuhle impela asayine ngaphambi kokufulathela lomhlaba kusho uMbhekiseni begqolozele umabonakude bebabi ngendlela eyayibenza kungathi akubona

Kuthe uma ecilongwa uMkaZwane wathola Kala ukuthi inesifo esidinga ukulashwa ngoba uneqhubu elikhulu ebuchosheni uselelwe yizinsuku eziyishumi zokuphila kwakhe emhlabeni, bamushayela uZwane bamazisa ngonkosikazi esibhedlela eGoli ngesimo akuso wakhala uZwane ecabanga uNkosikazi wakhe amshada ethanda kwaba buhlungu naku Siphamandla ezwa izindaba zokuthi unina uselelwe u10 days esaphila ngenxa yegudlunga elimile ebuchosheni kungeke ahlizwe ngenxa yobucayi ebusebuchisheni

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !