INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 76
USikhumbuzo wahamba esethi le wonke ama Camera kuvela lonke ikhona ejalidini lakwaNtshangase lapho ekhaya likaSaziso konke okwakwenzeka kwakuvela kuLaptop wakhe.
"Saziso bamba nansi iRemote inento ekuthiwa iPanick button kuzothi uma kukhona ozama ukubhodloza umnyango noma ukweqa isango ucindezele lenkinobho ngiyobe sengibheka kuLaptop Yami ukuthi kukhonani ijalidi lonke ngoba ngitshale amacamera lapho kungabonakali khona, ukhiye umnyango ungalokothi uzame ukuphuma ngoba labantu basebenza ngezinkabi.
" Ngiyezwa bhuti sikhumbuzo manje wena usubuyela ethekwini?
" Yebo kumele ngibuyele ethekwini.
" Manje ukude nje bhuti sikhumbuzo uyofika nini uma bengihlasela ngoba phela njengoba ngilana egoli ungafika sengibulewe.
" Ake ngiqube leliviki uze ugcwabe lapha kuBnB engezansi.
" Awu kodwa bhuti sikhumbuzo usungaze ukhokhele ihhotela ikhaya nginalo..
" Ok ngiyakuzwa mfana kodwa ngizolala ubusuku obubodwa ngoba sengikhokhele konke okudungayo nenkomo iyeza kusasa, ibhokisi sengilikhokhele, amavegie negrossa kuyeza kusasa wena ngeke usokole ntwana, ngifuna ukuthi ugogo wakho angcwatshwe ngesizotha.
" Ngiyabonga kakhulu bhuti sikhumbuzo kodwa kungani unomusa ongaka kimina uyaz ukube bengikwazi ngabe ugogo wami uyaphila manje inkinga bengibuye ngishode ngemali yomuthi wakhe.
" Phephisa my boy kodwa ugogo u proud lapho ekhona futhi uhlezi endaweni enhle uyombona ngelinye ilanga ngibonga nje ukuthi ukukhulise kahle ngenhlonipho.
" Mina sengijabulela ukuth ugogo wami uzofihlwa ekhaya lakhe lokugcina ngingaboshiwe kusho uSaziso ecweba izinyembezi.
" Saziso wagcina kuphi esikoleni boy?
" Ngagcina kaGrade 7
" Wayekiswa yini?
" Ngangibhekane nezinqinamba kunzima ukunakekela ugogo wami kwesinye isikhathi ngihambe nginokusaba ukuthi mhlambe ngiyobuya eseshonile ngoba uhluphekile emhlabeni ugogo wami,uthisha wami waze wabona ukuthi nginencindezi ethile kunzima nokuthi ngi concrete ekilasini ngakhetha ukuyeka ngigade ugogo.
" Ubehola ugogo?
" wayela impesheli kodwa imali yayiphephelela ezinyangeni nemithi yakhe ibibiza sidla kuyo imali.
" Mmmm bekunzima kodwa ungakhathazeki ngizokubuyisela esikoleni ufunde esikolweni sabelungu edolobheni.
" Hhay Hhay bhuti sikhumbuzo sekukuningi ongenzele khona ngeke ngizofunda khona elokishini.
" Khululeka uzofunda edolobheni ngifuna wenze ugogo abe proud uvuse umuzi wakhe kuzothi mawuqeda ngikuse eUniversity ngoba angifuni usokole bese uba yiphara uhlukumeze umaphakathi bese ubulawa kabuhlungu. Ngithanda umfana onamaphupho owami ubaba wasifundisa kanjalo.
" Ngiyezwa bhuti sikhumbuzo cha ngiyokukhohlwa ngifile kusho uSaziso ekhala.
" Umncane ngifuna ungagangi ngethuba lakho uzisole usumdala kungasekho ukubuyela emuva.
" Ngiyabonga kakhulu bhuti sikhumbuzo ngomusa wakho.
" Ngilungisele indlu engizolala kuyo ngithi uku update ama software kuLaptop Yami kusho uSikhumbuzo evala imoto elandela uSaziso.
Umdluli wahamba waze wayo ngena eHillbrow ecinga izidakamizwa wazithola zagcwala uplastiki nensangu wase elibangisa emzini wakhe walinda ukuth kube kusihlwa. USikhumbuzo naye wayeselele no Saziso walala kuphakathi kwamabili.
[Saziso mfanawami yiminyaka ngisebenza esiphoyiseni, ngiyahlonishwa ngoba angikaze ngishaye eceleni, ngithole inqwaba yezimendlela ngenxa yokuzikhandla kwami kwezomthetho yingakho namhlanje ngifuna ukukubophela Amanqina enyathi bese ngiyabopha ugwetshwe masimba enja kusho umdluli ekhuluma ngenhliziyo eshayela imoto yakhe ephethe nocelemba]
Wahamba wafike wacutha endaweni yotshwala walinda umuntu odakiwe kanti kuzoqhamuka umfana odakiwe wamulandela umdluli wase emushayisa maqede wamulayisha wahamba naye Kuthe uma efika ngakubo kaSaziso wagenca uqhoqho wabhongisa okwembuzi umfana wabantu igazi limpompoloza
USikhumbuzo waphaphama wavuswa umchamo wahamba ephumela ngaphandle Etoilet elingaphandle eliyibanganyana ukusuka endlini yoxhaso.kuthe uma eqededa wabe eseqa wahamba naye lomuntu igazi liconsa kusuka esangweni. Yaveza konke icamera uSikhumbuzo wabona shazi isithunzi wayama ngobonda lwendlu encane. Wabukisisa efuna ukubona kahle kodwa kwasho ukuthi uMdluli uzifihle ubuso.
Wamubuka noma esethukusa insangu ngaphansi kwesikarabha esidala semoto wafihla noCelemba onegazi.
Kuthe uSikhumbuzo esaqhiyeme u Saziso aphume ememeza emnyango.
" Bhuti sikhumbuzo ukuphi Iya vibrate leRemote esho eqalaza kanti uzozithela phezu kwaMdluli icamera ishutha konke ukwenza kwakhe.
" Eish Lenja yangibona angiyibulale ngibaleke kusho uMdluli edobha ucelemba.
" Awu weeeeeeeeeeeeeeeeeee bhuti sikhumbuzo kusho uSaziso ephenduka ebaleka engaboni ubani lomuntu ozivale ubuso.
" Agijime umdluli afice afake unyawo esathi uyavala uyakhiya uSaziso.
" Sizani booooo ngafaaaaaa bhuti sikhumbuzo kumemeza uSaziso.
" Vula lana nja kusho uMdluli esewakhiphe wonke amehlo ebomvu esaba ukudubula ngesibhamu sakhe somsebenzi ephusha umnyango.
" Hhey!!!!!!! Bhuuuuuuuuuuu👊🏾ngesibhakela esivutha umlilo ebusweni uMdluli awele eceleni.
" Ahhhhhh ubani wena nja kusho umdluli evuka nocelemba ebhekana noSikhumbuzo.
Athi uyagenca uSikhumbuzo agxumele eceleni.
" Saziso Khanyisa ilambu langaphandle kusho uSikhumbuzo emise izibhakela ebuka ucelemba Kuvele kukhanye ugesi bagqame bha. Athi uyaqeda ngocelemba umdluli ehlehle uSikhumbuzo adabule isikibha kuvele umzimba wesigwebedla. akhahlele amatshe ewaqhelisa ebhekane nqo noMdluli ucelemba umanyazela. USikhumbuzo ebukela wagijima washayela amaphoyisa. NoMdluli awuphendu phendule ucelemba efuna ukuligenca ikhanda lwaSikhumbuzo.
" Sisizeni nakhu bezobulala ubhuti ongisizile kumemeza uSaziso Bavuka nabantu komakhelwane.
Wathi uyaqeda ngocelemba uMdluli wagxumela ngemuva uSikhumbuzo wakhubeka wabheka phezulu wathi uyaqeda uMdluli efuna ukumujuqa ikhanda wamukhuba ngo Sweep elele phansi wavula othulini uMdluli nocelemba wathi ugenca uSikhumbuzo wahlehlisa ikhanda uSikhumbuzo wase ekhahlela amasend* waquma wathi esanake lokho wezwa ngengqomu ikhala kukhakhayi wezwa ngathi uwelwa yiBlock ekhanda wavoshoka waguqa ngamadolo wasondela wamngena ngedolo emlonyeni amazinyo agcwala phansi wawa ngobuso wasondela uSikhumbuzo emanzi nte imisipha isiphume yonke, wamukhumula isigqoko esimnyama esifihla ubuso wamubhekisa kucamera wase emphosa phezu kwesidumbu afike naso.
" Haaaaaawwuuuu nali leliphoyisa elamubopha kumangala u Saziso.
" Kuphelile ngefuture yakho silima ndini esho ethintitha izandla uSikhumbuzo abantu bancoma ubuqhawe buka Sikhumbuzo kungesikhathi esingakanani zatheleka izimoto zamaphoyisa esewumcaba phansi uMdluli equma ezwa ubuhlungu angakaze abuzwe.
" Bhuti sicela uchaze kwenzekeni kubuza iphoyisa libuka uSikhumbuzo
" Uyena lona ofike nesidumbu so muntu amubulale yena wafuna ukumlahla lana kanti futhi kukhona nesikhwama asishutheke lapha kusho uSikhumbuzo ekhomba
" Hawu kwangathi uMdluli lona kumangala amanye amaphoyisa.
" Yebo uyena kusho uSaziso noSikhumbuzo.
" Manje ngimubone ngani ukuth ufihle isikhwama kubuza iphoyisa. Elinye.
'' Emacamereni.
" Mdluli usuboshiwe ubuhlale usibukela phansi uthi asisebenzi, manje usufuna ukubulala umfana ngoba uhlulwe yicala esambe ndoda besho bemuqhuba intamo ivakakile ebomvu kebhu izisini.
" Husegani yinja kusho uMdluli ethefuya ekhafula igazi.
Bathamuthatha uMdluli wangena estokisini wazithela enqwabeni yabafana ayebabopha ebashaya.
" Ha ha ha nayi inyama yethu ekudala isixhaphaza ibopha a bafwethu abanye bengenze lutho kusho ibhoza yezigebengu isho imxhafaza ngesibhakela bamthelekela bonke wakhala eshaywa wazisola ngokuhlomekiswa uMbhekiseni noMabizeka washaywa waze washona wakhishwa esemboziwe eqonde emoshali