INSIMU YEZIMANGA
UMBHALI MABUTHO KUNENE
ISIQEPHU 75
Umabizela noMbhekiseni bathi beqethukile bebukela izindaba kwavela ukuthi uSaziso iphumile ejele Kuthe uma bebuka ezindabeni babona ejabule nomndeni wakwaMadi.
" Arghaaaaaah maaaan uphume kanjani manje lomfana kusho uMbhekiseni exhilwa ukudla kwasesibhedlela
" Amasimba ke lawa kusho uMabizela egqoke ipumpers.
" Uyazi ngiyalizonda usuku okwazalwa ngalo lenja yakwaMadi kusho uMbhekiseni.
'' Useze ukhohlwe nokuthi unentombi lena phesheya isilima lento ihlalele ukugxambukela ezindabeni ezingamufuni ungasho nje ukuth ungenaphi endabeni kaSaziso kusho uMabizela ecasukile ephelile
" Lenja sengibone kahle ifuna ukuthi sithole umuntu ozobafakela ushevu ekudleni bafe kusho uMbhekiseni.
" Ya icebo elihle lelo asizame indlela yokuthola umuntu ozohamba ayofuna umsebenzi wokupheka ahlanze indlu kuyothi uma eseyedwa ekhishini avuvuzele wonke uplastiki woshevu wamagundwane bafe konke noyihlo ngoba uyena ongazifundisanga izingane inhlonipho nokungagxambukeli ezindabeni zabantu kusho uMabizela behleba iphoyisa lisaphumile elibagadile esibhedlela.
" We Muzikayifani yazi nginecebo mfwethu kusho uMbhekiseni eqalaza bese ehleba.
" Khuluma ngilalele kusho uMabizela intamo ingaphenduki egunquzisa amehlo.
" asizame ukuthenga leliphoyisa elisigadile kuseqise sizolikhohlisa ngendaba yokulikhokhela kusho uMbhekiseni ekhuluma phansi sebesele bebabili ewardin ezinye iziguli sezikhishiwe.
" Inkinga manje angeke sibe nemali yokumukhokhela kusho uMabizela.. " Mina ngizodayisa insimu yami ngo R1million bese ngikhokhela leliphoyisa
" Cha mbhekiseni asithole u Mdluli lona owabopha uSaziso ngoba ngibona ngathi wasizwela kanti futhi uyasihlonipha thina njengezinjinga ezinemali.
" Yaaaaah Ey yaz wacabanga kodwa manje soyithathaphi inombolo yakhe.
" kulo leliphoyisa elisigadile nalo lizilambele nje ngibona nemoto elihamba ngayo kusho uMbhekiseni.
" Kanti nawe uyabona ukuthi indlala ibhalwe emehlweni kumfokazane webheji ha ha ha kusho uMabizela ephelile insini.
" Ubheke ukuthi uzamula angawedi uyabona ukuthi kwazikweletu zimuhleli eqolo ha ha ha kusho uMbhekiseni ephelile yinsini.
" Hhay uyahlekisa mfwethu uyazi size sikhohlwe nokuthi sinezinkinga kusho uMabizela esula izinyembezi efile ukuhleka.
" Umsindo ziboshwa kusho iphoyisa liqhamuka.
" Oops ha ha ha kusho uMbhekiseni efile insini ethi uzama ukuzibamba kodwa amane abuke izicathulo zephoyisa akhumbule ukuthi uswele kwapholishi.
" GA ga GA kuhleka uMabizela sekubuhlungu isisu.
" Yeyi nina ziboshwa nisinekani kusho iphoyisa licasukile.
" Hhawu besingazi ukuth no kuhleka sekuyicala kusho uMbhekiseni.
" imihlolo yethu ngempela uyazi kusho uMabizela ehleka.
" Kuthe kusenjalo kufike u Mdluli ezoshintsha iphoyisa eligadile.
" Hawu usukhona kusho iphoyisa.
" Sengikhona kusho u Mdluli.
" Ay angihambe ke ugade lamadoda kumele abhekane nama cala awo kusho iphoyisa.
" Kulungile mfo izobonana kusho u Mdluli lahamba iphoyisa.
" Ninjani nobaba kusho u Mdluli.
Siyaphila ndodana siyabonga ngalokhu owasenzela khona ubophe inja eyayisibulala kusho uMbhekiseni.
" Ey noma nje umthetho ungicasula ubuye uvune izigebengu kusho u Mdluli.
" Usho uliphinde lelo ngoba ukube akukhona labafana bakwamadi nokuthenga ama judge ngabe lomfana usejele kusho uMbhekiseni.
" Akenisho bobababa ingabe kusuke kwenzenjani uma kugubheka phansi kuphume okuzimpande ngoba kwavela ngenkathi zikuthandela izintanga Mabizela.
" umona nje qha mfoka Mdluli siyaloywa ngoba sibangiswa impumelelo manje inyanga yethu ibihlale isiqisa kodwa manje akuselula ngoba sikulendawo kuphendula uMabizela.
" Oohh kodwa ngoba abathakathi manje ngabe ubani lomuntu wesenzo esibi kangaka? Buka nje lomfana ugcine ephuma ngalokho ngoba inkosi yenkantolo ibonile ukuth lezimpande zaphuma nasemzini waMbhekiseni kwakugugumuleke phansi zaphinda nasesibhedlela zagugumula kusho iphoyisa.
" Kunomsebenzi ekumele siwenze inyanga isiqinise sishweleze ngoba impela kunzima mfoka Mdluli kodwa inkinga asazi so kwenza kanjani konke lokho ngoba sivalelwe futhi ngeke bayiqonde lento esibhekene nayo kusho uMabizela.
" Khona ibuhlungu lento ngoba siyafa yilezimpande kufaza uMbhekiseni.
Waba buhlungu emoyeni u Mdluli wazwelana nabo.
" Manje kungaba ubani nje enimusolayo kubuza umdluli.
" UZwane lona engavula naye inkampani kumanje ubhizi ungcolisa igama lami elekelelwa yilabafana bakwaMadi.
" Abafana bakwaMadi bangisabisa ukuth ngivume icala bese bebiza amacamera ukuthi ngivume nami ngasala ngivuma kodwa nje mina nomfwethu simusulwa kusho uMabizela.
" Kanti lento owawuyikhuluma akulona iqiniso? Angithi waphuma ezindabeni uthi uwena owabulala uMandla waxolisa nakunkosikazi kaZwane.
" Ngafunzwa amazwi okwakumele ngiwasho uSikhumbuzo noNathi iziqhwaga behamba nosisi wabo oweba ama docket bengabishwa kusho uMabizela ehumbuza amanga aluhlazA cwe.
" Yaz lowo nondindwa ungikwatele kabi wathi angiwazi umsebenzi wami kusho umdluli edinekile.
" udlela kabi lowo nondindwa kusho uMabizela.
" Nguhlushwa ukuthi usebenzela eKZN mina ngisegoli bengizomxoshisa emsebenzini ungidelele kabi!! wathi ngihlulwa umsebenzi wami.
" Ududwa abafowabo kufakaza uMbhekiseni.
" Buka nje isithunzi sakho sehlile sekuphuma umfana omubophile kanti waziwa nje ngoqweqwe lephoyisa elibhekana nama cala a nzima kusho uMabizela.
" And mina angigeji mangiphenya icala ngiyaphenyisisa kodwa manje umsebenzi wami uvele waba yize leze kusho umdluli ubona ukuth ucasukile..
" Kanti ke ikhona indlela ongabuyisa ngayo isithunzi sakho kusho uMabizela enciphisa izwi.
" Iyiphi leyo kubuza umdluli.
" Thola insangu nezidakamizwa bese uyahamba uyalapho kuhlala khona lomfana uyobe usucinga indawo ebaleni lakhe bese ushutheka khona izidakamizwa, bese u yabuyela khona wena Umtshele ukuthi khona othe kudayiswa izidakamizwa bese uyazicingisa uyobe usuqonda lapho oshutheke khona izidakamizwa lapho ke ngiyafunga ngeke adabule uyongena ejele iminyaka kusho uMabizela ezijise umlomo entshebeni evale izindebe emhlophe.
" Oohh yaaaahh yaz Mabizela unobuhlakani... Iyona Ndlela ekuzobuya ngayo isithunzi sami kusho umdluli ngamehlo athokozile.
" Kusho ukuth sekuyoba into yakusasa ngoba ngizoshayisa ekuseni kusho u Mdluli.
" Ya futhi uma ufuna limgwebe icala ulayishe kakhulu isikhwama sezidakamizwa khona ayiboshwa iminyaka aphume eseyohola impesheli yokuguga kusho uMabizela.
" Mina angifuni kwakuthi aphume ngoba uwise isithunzi sami kwangathi ngibophe umuntu omsulwa, ngifuna ukuthi kwalona lelijaji nabakwaMadi balayeke ngoba nalommeli wabo uyaphapha kusho umdluli.
" Uthi awufuni kwakuthi aphume kubuzisisa uMabizela.
" Yebo uSaziso ngimufuna ejele mina ngikwazi engakubona lomuntu uyena osebenzisa ifosholo ngoba wenza ingadi manje lelijaji belivuna lommeli ophaphayo kusho umdluli.
" u ngilalele kahle ke kulokhu sondela kusho uMabizela.
" Yebo ngilalele.
" kuyomele ubulale umuntu ngokumgwaza ngomese igqoke amagloves bese isidumbu esiphosa phakathi nobusuku ekhaya lalomfana ummese uwushiye emnyango wakhe kungasaleli iminwe yakho kuyothi lapho eshaya ucingo ebiza amaphoyisa uyobe usuyozicingisa okunye uzenza ophenyayo bese uthola izidakamizwa aboshwe athole udilika jele
" Yoohhh ay cha uchithile enqondweni baba Mabizela ukuthathaphi lokuhlakanipha okungaka kusho umdluli echazekile.
" Mawuyindoda ulala uphenduka kusho uMabizela efikelwa ubuthongo.
" Uhlakaniphile umfwethu kusho uMbhekiseni.
Kuthe ngakusasa ekuseni uSikhumbuzo wavuka ngovivi elibangise koSaziso ukuthenga zonke izimfanelo zomgcwabo wabe esekhipha ibhokisana elincane.
" Saziso hamba uyolanda isitebhisi mawusho khona ubuye naso kusho uSikhumbuzo evula ibhokisana elinezintambo.wahamba uSaziso wabuya naso
" Good... Bamba lana ke esho emnika ibhokisana waqhiyamisa isitebhisi obondeni wacaca wafinyelela ngaselambini langa phandle nescreew driver
" Kuyini lokhu okufakayo bhuti sikhumbuzo kubuza uSaziso ebheke phezulu.
" CCTV camera lena ntwana ngizoyicashisa ngifuna iveze yonke into eyenzeka kulelikhaya ngoba ngiyazi akumnandi kuMbhekiseni noMabizela lapho bekhona njengoba uwine icala esho ewayinda eqinisa umfo kwaMadi