INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 31

1 Like = ❤️
0

INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 31

Kuthe uma uSikhumbuzo esahleli no Melusi noSiphamandla kwangena uMkaZwane.

" Wuuuuuu!!! ngafa ukukhathala nkosiyami esho eziphonsa kusofa.

" Mama usuhambe wabuya kusho USiphamandla.

" Yebo bekugcwele nase Nkantolo udedelwe uKhaya.

" Hawu mama kodwa singakhipha inswelaboya ejele mina angisazi ukuthi kumele ngenzenjani ngoba lomuntu ngashutha ubaba wakhe ezama ukubulala ubaba walapha ekhaya emuqedela ubaba Zwane kusho uSikhumbuzo ephela amandla.

" UKhaya noBaba Zwane bhuti sikhumbuzo? Kubuza USiphamandla emangele.

" Sikhumbuzo awuyiyeke lento olokhu uyisho, ngikukhuzile kodwa uyaqhubeka kanti sekumele ngize ngenzenjani kusho uMkaZwane.

" Kodwa bhuti skhumbuzo nami angikholwa ukuthi kubo bonke abantu ubaba Zwane angabulala ubaba.

" Sikhumbuzo mtanami uma kunzima ukulalela engikushoyo ngathi indawo izokuphelela lapha ekhaya ngoba ngikwamukele ngezandla ezimhlophe kodwa wena ufika nokuxova umndeni nabantu esesifana nomndeni nabo kusho uMaZwane eziphephetha. 

" Gogo kaManqoba ngiyacela uyibukisise lento kusho uSikhumbuzo izwi kungathi lifuna ukukhala. 

" Mama Zwane nginabo ubufakazi engabuqoqa kodwa angibuvezanga ngoba nganginqena ukuqhatha umndeni uMabizela wathenga inkabi efuna ibulale mina noMpume ngenxa yokuthi sasifuna ukuthola ngokufa kwaMandla. 

" Usuza nokunye futhi kanti unjani nje Sikhumbuzo, uyazi uyangiphoxa  awufani neze noMpume. 

" Mama umakhalekhukhwini kaMandla uphi? 

" waduka sawufonela saze sakhathala. 

" Mama imoto yakwaMabizela iyavela ilandela uMandla ngahamba ngacela iCCTV camera yase garaji esho evula iLaptop yakhe. 

" Hawu nangu umfwethu kusho USiphamandla noMelusi bebona uMandla ekhokha uPetrol ngemuva kukhona imoto yakwaMabizela bafikelwa usizi ngoba nedate iveza usuku anyamalala ngayo. 

" Ok ngiyabona impela imoto kaMandla nekaMabizela ngemuva kusho uMkaZwane ebukisisa. 

" Uyanaka ukuthi abathengi upetrol kodwa balandela ngemumva kusho uSikhumbuzo esegqolozele uMkaZwane. 

" Awu kanti usho ukulandelana mina ngithi ukhuluma ukuthi ubashuthe benza okubi noma kunenkulumo eshoyo ukuthi babulala uMandla Sikhumbuzo ngizocela nje mfana wami uyiyeke yonke lento ngoba ukulandelana kwezimoto akusho lutho. 

" Mama buka kahle ukuthi ngizokubonisani esho ecindezela. 

Lapho uMelusi noSiphamandla basebegikelwa ukuthuka ngoba nabo bayabona ukuthi imoto kamabizela iyona qobo lwayo. 

" Ngifuna ubufakazi balento oyishoyo skhumbuzo mina angikuzwa ukuthi uthini. 

" Lena iReport yetrack company okuyiyona ibikhombisa yonke imigwaqo uMandla ahamba kuyo yaze yaphelela khona. 

" Hawu uyazi kuyavela ukuthi indlela yahamba yaze yaphelela emigedeni lapho kwagaladela imoto kusho umelusi bebukisisa bonke noSiphamandla wasondela ebukisisa. 

" manje lokhu kusho ukuthini kusho uMkaZwane.

" Bheka kahle ke mama Zwane esho ecindezela kuvela imibhalo echofoza kwavela imibhalo yezinombolo zikakhaya nalopho kwakudonsa khona umakhalekhukhwini wakhe. 

" usho ukuthini lemibhalo bhuti skhumbuzo kubuza abafana. 

" Ok lena ibizwa nge EMI number ngayisebenzisa ukuthola ukuth ilanga uMandla ashona ngalo wayedonsa kumaphi ama network Towers okuyiwona esitrace ngayo umakhalekhukhwini noyinto engayenza ukuze ngithole umakhalekhukhwini kaMandla ngathi uma siwuthola sabona ukuthi uKhaya nabakwaMabizela bamufonela isikhathi eside ngabona nokuthi ilanga umakhalekhukhwini owawudonsa ngalo kuTower usuku olulodwa nelanga lokushona lokunyamalala kwaMandla kanti futhi omakhalekhukhwini babo babedonsa endaweni eyodwa njengoba nibona nje esho eveza inombolo kaKhaya noMabizela.

" Uyazi kuyoyinke lento osayichazile angiboni lutho nje nalamagama owabizayo asiwezwa, bengithi ulungile ngane kaMadi kanti ungumxabanisi kusho uMkaZwane esukuma eqonda ekamelweni ekulala kulo uSikhumbuzo wabuya nesikhwama sezimpahla zakhe wamufuqa ngaso ebusweni. 

" hhay bo mama mina ngiyayizwa lento futhi sengifunde nokuthile asiyifakele amehlo lento ngoba ubaba mabizela ubesegijima efunwa kubekwe uKhaya kusho u Melusi. 

" Uyabona uma uzothatha okushiwo uSikhumbuzo uzohamba nawe kulomuzi kwaze kwangimosha ukugulelwa umyeni wami, kodwa Mangethe awusaphaphami ngani esho ekhala uMkaZwane. 

" Mama engikwenzayo ngikwenza ngothando lwalomndeni ngoba ngiyabona ukuthi uzoniqeda uMabizela kusho uSikhumbuzo. 

" Phuma sikhumbuzo kwanele manje sengiyabona ukungabi khona kwamyeni wami kwenza abantu bafuna ukulawula lelikhaya umuzi wami lona uMabizela uyena muntu owasebenzisana nomyeni wami kwaze kwaba yilesikhathi kodwa ngemizuzwna nje sekumele sijikele umuntu osefana nelunga lomndeni ngenxa yasbali khohlwa ke mfana wami, wena uzalwe izolo angeke nje usikhohlise esho esukumisa uSikhumbuzo wamukhipha waphonsa iskhwama ngaphandle wacosha uSikhumbuzo izinto zakhe egodle iLaptop yakhe ngesandla eqonde emotweni. 

"bengithi ngiyasiza kodwa namuhla ngixoshiswa okwenja esho efaka izikhwama ebhuthini ebuhlungu emoyeni izinyembezi ezizwa ziziqathakela. 

" Kodwa mama bewusungaze umxoshe kabuhlungu kangaka kusho uMelusi ebuhlungu emoyeni. 

" Kukwami layikhaya ubaba wenu wathi mayengishada washo ukuthi wakhela mina lomuzi manje ke angizu ukuvumela izimpisi ezizenza izingelosi ngokugcolisa igama lakwaMabizela ngoba kuzothunaza igama lenkampani siyezwana kusho uMkaZwane esukuma eya ekamelweni. 

Basala abafana bazwane bedidekile kunzima nokuvumelana nonina. 

" Melusi mawubheka kungenzeka ukuthi ubaba wabulawa abakwaMabizela kubuza USiphamandla edidekile. 

" Mfwethu mina ngibonile ukuthi uSikhumbuzo uqinisile kusho uMelusi. 

" Uyazi sekhane nginaka ukuth yingakho ebejahile ukuthi kubekwe uKhaya kanti futhi kungani kuvela ukuthi nabo bafinyelela lapho kwagaladela imoto kaMandla basijwayela kabi laba yazi asambe siyolala ndoda kusile kusasa soxoxa kahle kusho USiphamandla esukuma. 

" Yeah asambe siyolala mfwethu esho ecima umabonakude uMelusi wafike waqonda lapho uyise afihla khona isibhamu. 

" Khaya noma kungathiwani wena kuningi ekumele ukuphendula esho efaka isibhamu ebhulukweni waphuma bezwa kuduma imoto nje akekho owayaza ukuthi uMelusi uyaphi, wahamba enezinyembezi emehlweni wafika esengena nezicabha kwaMabizela wafica kukhona uKhaya noSithembiso. 

" Yes madoda kusho uMelusi ebakhombe ebusweni. 

" Ntwana kwenzenjani manje kubuza uKhaya ephakamise izandla

" Ungangibizi ngentwana wena nja esho ekabha uKhaya ngesobambo sesibhamu ebusweni. 

" Uphi uMandla esho esondela nesibhamu kukhaya emkhomba ehlweni ngesibhamu izinyembezi zigcwele amehlo

" Angimazi uMandla mina mfwethu ekhuluma ephuma igazi. 

" Ungazongenza isilima wena nja uSikhumbuzo ungibonise konke ngani esho ekhokha isibhamu. 

" Melusi! Melusi asikhulume yehlisa umoya ufunda uMatrix ungazimosheli ikusasa uzoboshwa beka isibhamu phansi kusho uKhaya esejuluke emanzi isibhamu sibanda mpo obunzini. 

" Nanikuphi ngelanga lokushona kwaMandla nginibuza okokugcina zinja esho engasahleki uMelusi. 

" Sasizihlalele lapha ekhaya nathi sezwa ngobaba esephuma lapho kwashonela khona uMandla. 

" Ey Futsek!!!!! Ngamanga wena esho emuphinda ngesibambo sesibhamu ebusweni wadabula uKhaya.

" Ngempela mfwethu kufakaza uSithembiso. 

" Ningijwayela kabi nina nicabanga ukuthi angazi ukuthi nanimulandela egaraji esho edubula kanti uzogeja amududule uKhaya awele ngale kosofa, isibhamu siwele kuSithembiso, sidubule kudubuleke uMelusi esiswini. 

" Ubuzama ukwenzani wena uyabona ungenzeni kusho uKhaya emdudula ngesibhakela. 

" Nisazonya nina kusho uMelusi ethukuthele ezama ukusukuma ashelele. 

" Letha lana lesibhamu Sithembiso kusho uKhaya emuhluthula esandleni. 

" iya chancer lenja buka ukuvule ingozi enjani kusho uSithembiso ebuka uKhaya igazi aphinde abuke uMelusi ngokunyanya. 

" Uyabonake ntwana lokhu engikwenzayo sengikwenzela ukuthi ungaphinde ungijwayele kabi ngingowakwaMabizela mina, kanti ke futhi usuvele wasenzela umsebenzi olula ngoba nawe ngizokugqiba ensimini lapho kulele khona uMandla umfwenu esho ekhokha usibhamu esibhekisa esiphongweni saMelusi wamudubula kwaqhantsha ubuchopho wavele wawa ngobuso wafa, babe sebemuthatha wayongena ensimini. 

" Khaya mfowethu ukubuya kwakho kuyangijabulisa ukubuya kwakho ejele buka nje wenza umsebenzi ube lula kusho uSithembiso esusa izinwele ekhanda maqede langena kuplastiki. 

"NgingowakwaMabizela mina esho ehlaba ihalavu ephonsa emgodini esedindilizile uMelusi

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !