INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 42

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 42

Kuthe ukuba uKhaya ezwe umlayezo ovela kuyise washiya kanjalo enkampanini wacela iPersonal assistant yakhe imphendulele izincingo.

Kanti namaphoyisa ayeseyintambo elibangise ehlathini lapho nemoto yamaphoyisa kaMazibuko yayibonakala kuComputer ukuth ikuphi bahamba baze bafika bethungatha becinga belokhu becingile kuthe nje uKhaya eseza le ekudeni wabona ngenqumbu yamaphoyisa lapho elayelwe khona uyise wama wangasaqhubeka.

Ahamba amaphoyisa elokhu ehambe njalo amaphoyisa ecinga ehamba nezinja ezazilokhu zihogelile, bahamba baze bamthola uMazibuko eseshonile noMathebula ekhona, kwaba muncu kwabanye bozakwabo izinyembezi zigcwele emehlweni abanye beziqinisa bebuhlungu sebebona uzakwabo obekuyindoda ibingazwani nobukgebengu, indoda ibisebenza ngokuzikhandla ukulwisa izigebengu nokunqoba izigebengu ezaziwayo ezinzima ebambisene noMpume, sekukaningi uMazibuko ekonyelwiswa ngenxa yegalelo lakhw kwesobuphoyisa.

Umathebula wayemamatheka injabulo eyizwa ngaphakathi.

"Bizani iheshe selidume ledlula kusho elinye lamaphoyisa kikhala kwehla izinyembezi likhipha indwangu limboza kodwa kwakukhona amanye eshutha esekekelezele indawo yesigameko ngoplastiki onokubovu nokumhlophe. Bebuka ukuthi kwenzekeni abe forensic befake amagilavu nabo bathatha igobolondo lesibhamu bafaka eplastikini. Ukhaya wavele wajika washayela uyise. 

📲Baba

📱Yebo ndodana. 

📲Ey sengivele ngathi ngifika ngazithela phezu kwamaphoyisa kodwa ngiwabonele ekudeni ngajika. 

📱Damn sh**t maan!!!! Sekuvele kwabheda kodwa akuhluphi ngoba selilusa amadada lelo phoyisa beliphaphela izindaba elingahlangene nazo. 

📲Ngisindwe yizinyawo baba kodwa ngizomthola umuntu ozongena ensimini khona aba hiker yo ngoba ngihamba.

📱Phuthuma ke mfana wami futhi ungathi ukwengeza zibe mbili izidumbu ezizongena ensimini ngoba isihlale izinsuku ingadli insimu yami yingakho nathi kuphazamiseka okuningi sibuthakathaka nebhizinisi lingenzi kahle ngiyitholile iReport eqhamuka accountant yethu okuyiyona ebhekelela kwezezimali. 

📲 Ey akulula neze baba wena kanti ubuya nini ukuze sizolungiselela ukufihla umfwethu.

📱Ey Mfana wami njengoba sikulendawo siyalashwa udokotela ngoba sasingeke siye esibhedlela ngoba uSikhumbuzo wayezosithola khona manje silinde ukuthi sibe ncono wena yenza amalungiselelo umufihle umfowenu kubuhlungu nakimi ukuthi ngeke ngikwazi ukufihla umtanami, hamba ubazise abantu ukuthi ubaba ulashwa phesheya ngenxa yesimo esithile empilweni yakhe no babomncane wakho unqunwe umlenze nengalo kwamina umgogodla nentamo kwalimala ngenkathi uSikhumbuzo engishaya inzima impilo mtanami kodwa usuyindoda uwena osuyosala namafa ami ngoba ngisele ngedwa kusho uMabizela izinyembezi zizehlela. 

📲Kodwa baba unzima lomthwalo ongithwesa wona ngingedwa kuqale kwashona uthumbu wakithi, kwashona umama kwawena ukhuluma amazwi ngathi usuzongishiya angikhoni baba, ngapha inkampani ayenzi kahle, ngapha insimu ilinde mina, ngapha ngibheke ikhaya kumele ngincwabe hhhiii hhhiii angisakhoni baba ngiyakucela ngazise lapho ukhona ngizokulanda ugulele ekhaya. 

📱Qina mfana wami kumele ukufunda ukubhekana nezinqinamba ngizophila ngibuye ekhaya kukhona umfana obukhali esimutholile uyena ozosinqobela labo Goliat bakwa Madi.

📲Ngizoziphindiselela kuSikhumbuzo baba ngoba ukube akabuyanga phesheya ngabe umama nabafwethu bayaphila ngithe sengisele nawe uyakuxhwalisa ngimfuna efile. 

📱Lalela ke Khaya... Hamba uyePolice steshi ufike ukhulume noMathebula ngifuna ukuthi abahlukanise ejele bese kuthi ngesikhathi sokudla amaplate wabo awafake ushevu ozobabulala kuphele nya ngalabafana. 

📲Ngizokwenzanjalo baba ngiya kuye njengamanje. 

Indaba yokushona kwaMazibuko yagcwala emaphepheni yaze yafika kwaMadi.

📲Aweeeee maaaa awu kodwa ngo detective Mazibuko, a Wuuuu kodwa nkosiyami kusho uMpume ekhala kwaze kwavuka ingane ebeke izandla ekhanda. 

" Yini mtanami ungithisa izwi lakho ngilizwa ngingaphandle kusho uMpume ehayiza ekhalela indoda ibingazwani nhlobo nobugebengu. 

" UDetective Mazibuko akasekho utholakale edutshuliwe mama esho amehlo egcwele izinyembezi. 

" Hawu kodwa kanti ezweni kunjani kusho umama Madi ehlala phansi ebuka ezindabeni kuvela esethwelwe ngohlaka esemboziwe. 

" Kodwa ngiyazi ukuthi ubulawele ukuba qotho kwakhe, kuthe uma eqhubeka kwavela nevideo eshuthwe amanesi ngenkathi yokuzabalazisana kwaMazibuko nenkabi eyayisegcwele esakazeke nasezinkundleni zokuxhumana yize ivideo iveza lapho sebelwa inkabi noMazibuko ingavezi kahle ukuqala kokuhilizisana kwabo ingaveza nangenkathi inkabi izama ukumbeka umqamelo ebusweni. 

📺Indodana kaZwane uma ichaza kuvela ukuthi inkabi ibizobulala uyise kanti naye ubesola ukuthi nobaba wakhe uzobulawa njengoba eseshonelwe abafowabo ababili, kodwa sithe masibuza ukuthi ingabe unazo izinsolo wabe esesho ukuthi akathandi ukuveza amagama kodwa uyasola ukuthi yibona bantu abazimisele ngokuqeda ngomndeni wakhe... Intatheli ibe isiveza ukuthi imbangela yokubulawa kwaMazibuko ukulwisana nobugebengu kanye nokuphazamisa ukubulawa kwaZwane, leyondaba yafika nasemehlweni kaMabizela no Mbhekiseni nabo bebukela umabonakude. 

" mfowethu uyabona lomfana kaZwane ukuthi uyena obe yimbangela yokuphazamisa ukubulawa kukayise kanti futhi ngiyabona ukuthi usengenwa yilomqondo kwaSikhumbuzo... naye kuzomele athwale umhlabathi ngezifuba emathuneni ngoba ugcwele ukuphapha, kusho uMabizela enyibile emnyama bhuqe

" Ya uKhaya akamthungathe amafake ensimini asuthise insimu ngoba ngabona ngathi uzoba yisiphazamiso kukhaya nasenkampanini yenu noZwane. 

Kuthe nje emva kwamahora kwenzeke isigameko USiphamandla waqonda ekhaya wathola unina ebuka izindaba ekhala naye ebona umyeni wakhe osecishe wafa. 

" Mtanami kusho uMkaZwane ezama ukwanga USiphamandla kodwa enqabe USiphamandla angazovuli izandla ebhaleke iminwe entanyeni kwazise inkabi yayimunkonkoshele uqhoqho. 

" Ngicela ukuyogeza esho edlula. 

" Ngiyaxolisa ngokukubeka isandla mtanami kodwa ngiyabonga ukuthi uhambile wayosiza ubaba wakho kusho uMkaZwane ekhala izinyembezi zigcwele amehlo. 

" Uthini ngaleliphoyisa labantu elibulewe uyazi ukuth uMazibuko ubesebenzisana noSisi Mpume? angithi wena ubaxoshile wathi bazobulala ubaba, pho kuza kanjani lowomuntu kube nguye ongisizile,  nami bengifa engikinya lowomuntu kwasiza uMazibuko, igazi kaMazibuko lisezandleni zakho mama esho ehamba emshiya kanjalo. 

" kodwa wavele wangiqedela wathela usawoti ezilondeni ezisenhliziyweni mtanami kusho uMkaZwane ekhala izinyembezi zehla kungathi umfula ememeza Siphamandla Siphamandla hhiiii nami angazi ukuthi kanti sizondiwe ngane yami kodwa akusho ukuthi abakwaMabizela, leliphoyisa lisebenzisana noMpume kusho khona ukuthi lizwelana noMpume mtanami kodwa lomuntu kuyoba kancane engasebenzisani no Sikhumbuzo uyena owalenkabi ibifuna ukungithathela umyeni esho ekhala uMkaZwane kodwa USiphamandla wayengasamuzwa ezigezela eshaweni. Kuthe uma eqeda wahamba waya epolice steshi wafike wacela ukubona uSikhumbuzo noNathi beza ngamunye kwaqala uNathi kwagcina uSikhumbuzo. 

" Awu Spha.. Kunjani wakhala nje ntwana yami kwenzenjani kusho uSikhumbuzo.

" Angiphili kunzima bhuti sikhumbuzo angisakhoni esho exikixa amehlo. 

" Sekwenzekeni phela thina asizwa kutho silana. 

" umama ubhizi usondeza izinkinga, inkampani yakithi inezinkinga, kanti namuhla ngisindise ubaba ebulawa inkabi engaziwa ngithe mangithi ngiyidubula ngesibhamu sayo yangadubuleka yase ingikhahlela ngawa yabe isingikinya ngibonga uMazibuko ofike wangisiza yabaleka inkabi wayijaha kanti useyofa.

" Siphamandla uthini kimi? ushonile uMazibuko!??????? Ebuza evule wonke amehlo uSikhumbuzo. 

" Ushonile indaba yakhe igcwele yonke indawo ngoba ubulawele ehlathini. 

" Fuuuuuuuuckkkkkk kusho uSikhumbuzo esukuma eshaya itafula licishe linqamuka. 

" "" "umsindo siboshwa kusho iphoyisa eligadile" "" "" 

" Ushonile bhuti sikhumbuzo and ukube umama akabaxoshanga ngabe uyaphila uMabizela ngoba ubefike nethimba lamaphoyisa ukuzoqapha ubaba. 

" Awuuu uyazi iphutha lami lonke leli yimina engicele umazibuko ukuthi aqaphe ubaba wakho ngoba thina sivalelwe esho kwehla izinyembezi uSikhumbuzo. 

" Cha bhuti sikhumbuzo akulona iphutha lakho amaphoyisa abizwa mihla namalanga ukusiza umaphakathi uMazibuko ubenza umusebenzi wakhe ufise okweqhawe kusho USiphamandla.

" Siphamandla hamba uyoqoqa zonke izimpahla zakho uhambe uyohlala kulendawo besengiyikhokhele noNathi iBnB, bese uyaqhela kumama wakho uyobuyela kuye masiphuma lana uma kwenzeka siphuma ubaba uza noQweqwe lommeli wenkampani yasekhaya iMadi Suger ayi lowayana agageji sizophuma lana kodwa into engiyibonayo wena usengozini. 

" Kulungile bhuti sikhumbuzo nami ngisamudinelwe umama ngoba uyena muntu osisondezele izitha buka nje ubaba ucishe wafa ngenxa yakhe u Melusi ufe ngenxa yakhe, kumanje inkampani yasekhaya iyafa ingenxa yakhe ngikhathelwe umama mina. 

" Khululeka ntwana yami hamba uthathe konke okungokwakho uhambe bese kuthi uthola amabody gaurd azoqapha ubaba wakho. 

" Kulungile bhuti sikhumbuzo washo ehamba waya ekhaya waqoqa konke. Kuthe nje esakhuluma amaphoyisa amanye egcwalisa ama affidavits amanye amukela ukuvulwa kwamacala kwangena ukapteni wamaphoyisa. 

" nalibala ukuxoxa izindaba nje ulayini ungaka emnyango akeningipheni umuzuzu ningilandele kusho ukapteni ephenduka bengena kwelinye igumbi. 

" Ninjani nonke ephinde ebingelela uKapteni Dlomo. 

" Siyaphila kapteni besho beshaya indesheni👮🏾‍♂️

" Eh njengoba nazi ukuthi sesehlelwe yifu elimnyama salahlekelwa enye yamadoda ayigalelo kulesiteshi samaphoyisa ngibuhlungu kakhulu noMazibuko udlale indima enkulu kulesi Siteshi samaphoyisa uyiphonsile induku ebandla futhi ninonke nizongifakazela kulokho, manje ke njengoba nazi ukuthi uMazibuko ubenqoba esebenza ngokuzikhandla ukulwisana nobugebengu, bekunga duvi amadocket edeskini lakhe ubengazwani nokuhudula izinyawo manje ngifuna umuntu okunguyena ozoqhubeka lapho egcine khona kodwa nje engifuna sikwenze ukuthi lomuntu ohlangene nalesisenzo ajeze ngoba ubulale iphoyisa umuntu owafunga ukuvikela isizwe, manje ke ngizobheka ukuthi lowomuntu usebenza ngokuzikhandla yini njengoba bekwenza uMpume Madi no Mazibuko. 

" Ngicela ukuwaphatha mina amacala aMazubuko kusho uMathebula. 

Wake wathi ukuma uKapteni ebuka uMathebula. 

" Ukhona kodwa ofunayo ukuqhubeka namacala ebekade ephethwe uMazibuko kodwa bavele babili kanye noMathebula. 

" AY wena sithole usalindwe amacala bese kuthi wena Sibeko usamelwe yicala labafana basemtekisini wena Sithole ungcono ngoba uyazibamba izigebengu uzilethe lapha esteshini ngibona ukuthi icala labafana bakwaMadi nokubulawa kwaMazibuko liphathwe nguwe. 

" I take it Kapteni....kusho izwi emnyango kuphenduke wonke umuntu egumbini, bathi mabheka babone intokazi enethambo emhlophe qwa esho ngezibuko zayo ezimnyama ifake izipende umlomo ubomvu isho ngamashiya akhe amnyama bhuqe

" Detective Madi kujabule wonke amaphoyisa uKapteni wagcwala injabulo ebona uMpume edabula phakathi kwamaphoyisa efike eshaya indesheni.

" Welcome back the case is yours Miss Madi make me proud kusho uKapteni kwaduma inhlokomo eKffice uMathebula waphukula ebumbe umlomo ethukuthele waze wangashaya ngisho izandla.


Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !