INSIMU YEZIMANGA UMBHALI MABUTHO KUNENE ISIQEPHU 41

1 Like = ❤️
0

 INSIMU YEZIMANGA

UMBHALI MABUTHO KUNENE

ISIQEPHU 41

Kuthe nje ukuba ahambe amaphoyisa kwaba ukufika kwenkabi akuzange kube yisikhathi esingakanani wavalelisa uMkaZwane ebuka umyeni wakhe owayelokhu edidekile ebukeka ethukile elokhu eqalaza ezibuza ukuthi ukuphi futhi wafika kanjani esibhedlela kuthi noma evala amehlo ezwe elokhu enkenkethe njalo amazwi akhulunywa uMabizela ngenkathi emuvalelisa eselindele ukucima umshini yize wayenokudideka enjalo wahamba ebuhlungu emoyeni uMkaZwane ngenxa umyeni wakhe aye kuso noSiphamandla akazange abe nokuthula emoyeni ngenxa yamagama abelokhu ezama ukukhulunywa uyise. 

" Siyabonga dokotela ngomsebenzi eniwenzile wena nethimba lakho kuyajabulisa ukubona umkami ekulesisimo yize nje ngibuhlungu emoyeni ngenxa yokuthi umyeni wami ubukeka edidekile engakwazi nokukhulumela kusho uMkaZwane esula inyembezi. 

" siyabonga mama kodwa ngiyacela nje ningakhathazeki, kodwa ngiyathembisa ukuthi ubaba kuzohamba hamba abe right okwamanje umzimba usazama uku communicator negqondo yingakho ubona ngathi usadidekile kanti futhi kubuya nezithombe nemicabango emidala azama ukuyikhumbula kodwa yena uzolulama. 

" Manje kungani kunzima ukuthi akhulume ngathi akuyena umyeni wami engimaziyo nezwi liphansi. 

" Ok mama lokho kwenziwa ukuthi uselale isikhathi eside eICU ephila ngedrip nokulekelelwa imishini ekutheni iPump amaphaphu ukuze aphefumule, izwi lakhe lizobuyela esimeni nemihlathi yakhe sekuyisikhathi ifasile kanti nolimi kwakhe kusazothatha isikhathi likwazi ukululeka akhulume ngendlela ejwayelekile, kanti futhi umfutho wokukhuluma awukho kahle ngenxa yesisu esingenakudla ngizocela nje nibekezele nathi sizomgcina nje okwamanje kuze kube ululama ngokuphelele. 

" Ngizwa kahle dokotela kusho uMkaZwane amehlo ehlengezela izinyembezi. 

" Usale kahle baba sizobuya sikubone kusasa kodwa uZwane wabukisisa ebona indodana yakhe eyikhumbula kancane kodwa abuye alahlekelwe yi Memory. 

" Sizokubona kusasa usale kahle baba kusho umkakhe amubamba isandla uZwane wamubuka kodwa wangazi athini ngoba wayenokudideka nje. 

Babe sebehamba USiphamandla elokhu ethule baze bafika emotweni nonina bahamba belibangise ekhaya kwazwane. 

" Wathula kangaka mfanawami kwenzenjani kubuza uMaMthembu ebuka indodana yakhe. 

" Ngibuhlungu nje ngesimo ubaba engimthole ekuso kodwa okungiphatha kabi kakhulu ukuthi uyabona ukuthi siyaphela ekhaya kodwa wena wena uxoshe amaphoyisa abeze ukuzoqapha ubaba. 

" Ubani ubethe ubaba wakho udinga ukugadwa ngoba bakhona onogada esangweni futhi kuyakhuthwa makungenwa izikhali azingeni. 

" Mama ziningi izindlela zokubulala ikati umuntu ofuna ukubulala angeke asebenzise indlela elindelekile angathenga ngisho udokotela noma inesi lenze umsebenzi. 

" we Siphamandla mina angisathembi kwayena uMpume lo ngoba phela kuyabonakala ukuthi kufuneka lenkampani manje kungenzeka usebenzisana nabafowabo manje kwalawa maphoyisa sizokwazi ngani ukuthi athunyiwe ngoba ngibone kwayena uMazibuko lona ohlale engu pathina kaMpume emsebenzini ubovula amehlo uhlakaniphe mfanawami uma kungenjalo niyosala ningenalutho. 

" Kodwa mama ungamcabangela kanjani usisi Mpume into enjalo umazi kahle ukuthi uhleze esebenza ngokuzikhandla ukulwisana nobugebengu, futhi wazi kahle ukuthi bebethandana into engasuki phansi noMandla. 

" Impisi ayizi ingagqokile isikhumba semvu mtanami ungabothemba umuntu ongamazi. 

" Ingani wena uthemba abakwaMabizela kodwa nabo bayasoleka ngoba ukunyamalala kwaMandla kwenzeka sekumele azophatha enkampanini, kwavela elandelwa ngemoto egaraji, kwavela ukuthi umakhalekhukhwini wakhe wawudonsa ndawonye nowakhaya endaweni lapho kwagaladela imoto kaMandla, kanti uMelusi naye wahamba eya kwaMabizela imoto yasala khona kwatholakala izimpahla zakhe emadwaleni sekuboshwa uSikhumbuzo ngaliphi ngoba kuyacaca ukuth waya ngentukuthelo ephethe isibhamu sababa mhlambe wahluleka ukusisebenzisa base bemunqoba, nakho lokho akukuvezeli isithombe ngalabantu bakwaMabizela. 

" Wena bengithi uhlakaniphile kanti uyisithutha. 

" Awulifuni iqiniso wena mama kusho USiphamandla ephakamisa izwi eshayela. 

" Ungalokothi nje uphakanisele mina izwi, ugcine ngci mfanawami. 

" uhlulwa yini ukubona ukuthi kukhona okushaya amanzi lana wenziwa ukuthi ubulala inkampani kababa wenza engathi awuboni ukuthi lokhaya wakho noMabizela uyadunyelwa nje, uzithwele udelela abasebenzi umusebenzi uyamhlula awunandaba nje okuduma ekhanda lakho abakwaMabizela angazi yini ulokhu unamathelane nalezinto ezinempakamo kumanze ubaba uthe uma ezama ukukhuluma wathi hamba mabizela kodwa wena uthi ukhumbule uMabizela. 

" Saze sayimosha imali yethu sinomyeni wami ngokufundisa isithutha sengane wena awufani neze noMandla wayehlonipha ehlakaniphile umfana wami buka nje ujikela abantu abazane nobaba wakho iminyaka ngenxa yosbali wakho esimaze izolo lokhu kusho uMkaZwane ebuka kabi indodana yakhe imoto ima behla bedilika sebefikile ekhaya bengena belandelana uMashabalala ehamba ngokuhluthuka enyanyiswa USiphamandla. 

" Manje wena mawubuka kungani ubaba ebethi" Hamba Mabizela!!! Une soft spot masekusa kwamabizela angazi noma uyamfuna yini kusho USiphamandla edinekile ebuka unina. 

Qhwaaaaaaaaaba!!!!!!!!!! Ngempama👋 isho esihlathini kuSiphamandla

" Angifuni ungijwayele kabi masimba mani lawa owakhulumayo, kungani ube yisithutha wena ngane ebolile kumanje umzimba wengane kaMabizela uSithembiso utholakale emotweni yakwaMadi kodwa namanje ulokhu uvikelana nababulali abagaqele amafa alapha ekhaya, naye futhi uzothi ubulawe kwamabizela kodwa isidumbu sitholakale emotweni kaNathi?? Phendula phela angithi wena ungusiyazi. 

Wavele wathula wahamba eyophuma ngomnyango ebambe isihlathi USiphamandla wangena emotweni wahamba ebuyela esibhedlela. Kuthe nje uma amaphoyisa esehambile ebuyele emuva esteshini uMazibuko wathatha imoto ebuyela esibhedlela ngoba wakhumbula amazwi kaSikhumbuzo uma ethi abakwaZwane basengozini kodwa umama wakhona uvaleke amehlo akafuni lutho ngomndeni wakwaMabizela. 

Inkabi nayo yahamba yaze yafika esibhedlela yayisigqokile ijazi layo lodokotela yagaxa nesipopolo yaphatha amaphepha isilindele ukungena egumbini laZwane yalinda nje ukuthi kangabikho muntu bese ingena isibulala uZwane ngomqamelo, yeza njalo ilokhu izenza ohlola amaphepha ayo kanti igade kuphume udokotela, amanesi ayenganakile kwazise kufika udokotela omusha njalo. 

Yahamba inkabi icinga yaze yangena egumbini ekulele kulo uZwane. Yafike yavala umnyango yalunguza efasiteleni yabona kungaqhamuki muntu kodwa kuthe nje esebona ukuthi ithuba livumile wama isikhashana ezama ukudonsa umqamelo kanti uZwane uzovula amehlo. Kuthe inkabi uma idonsa umqamelo uZwane wazama ukukhuluma kodwa kwangezwakala ngalesosikhathi uSphamandla wabe esesemnyango walunguza kodwa wabona kungathi udokotela wabe eselinda elunguzile kufasitela elisemnyango weICU wabe esesondela embedeni ekulele kuwo uZwane. 

" Uzongixolela baba uZwane nami ngisebenzela abantwana bami esho ebeka umqamelo kanti uSiphamandla uyabona esazama ukucindezela ubuso ngomqamelo. 

" Wenzaaaaaaani wena nja kusho edonsa isibhamu esasivela enkabini eblukweni sekupheqeke ijazi lodokotela. 

" ufunani lana kusho inkabi isondela kuSpha ilahla umqamelo. 

" Wasondela ngikuphihliza  ikhanda kusho USiphamandla engasahleki. 

" Sekuqine ukhakhayi mfanawami awazi ubhekane nobani.. ngagcaba ngesibiba senyoka eluhlazana mina mfanawani!! indlondlo enophaphe ekhanda umabona abulawe, inja guluva emanxebanxeba 

!!! isikhafula gazi!!!! Umagwinya umlilo!!! Inja endala yasehostela angibhenywa mina esho esondela amehlo esebomvu kungathi isikhova, wathi uzama ukudubula USiphamandla iminwe kwangathi iyakhonkeka isibhamu saqina inkabi yamududula ngonyawo wawela phansi yagibela phezu kwakhe ikinya uSphamandla. 

" kkkk aaahh sizani weee kuzama ukumenza USiphamandla yamukinya inkabi yambamba umpimbo kwangathi uyafa amehlo aba mhlophe. 

" Wenzani suka kuye kuqhamuka uMazibuko esekhombe ngesibhamu. Kodwa inkabi yazenza osekumayo kanti ithatha isibhamu esiwe kuSphamandla wabe esekhomba USiphamandla esukuma naye. 

" Lahla leso sibhamu phansi, kusho inkabi isikhombe uSphamandla enhlafunweni. 

" Nasi sengisilahlile kusho uMazibuko ngaleso sikhathi kwasekuza namanesi elunguza. 

" sikhahlele isibhamu size kimi kusho inkabi efuna ukudonsa itricker idubule USiphamandla enhlafunweni, nangempela wasicosha isibhamu sephoyisa. 

" Wuuuuu weeeeeeee abanye obesi bebaleka beyobiza ama security. 

" wena uyaphapha mfana wami kusho inkabi ithi idubula USiphamandla avele amsunduze ngezinqa agobe inkabi ishayeke ekhoneni lekhabethe lensimbi aphunyuke yathi uMazibuko abe eseseduze bebangisana ngesibhamu USiphamandla acoshe isibhamu sephoyisa akhombe kodwa kunzima ukuciba ngoba bayaphendulana kuthe nje besabangisana uSiphamandla  athathe okokucima umlilo okulengiswe obondeni agqeme inkabi iwele eceleni, ivuke iqonde emnyango isibaleka asukume u Mazibuko ayigijimise ephethe isibhamu kodwa kunzima ukuciba ngenxa yesiyaluyalu, abaleke afike adlubulundele ephuma ngesango amasecuruty athi ayamubamba ahluleke ebaleka engasaphethe sibhamu angene emotweni ziye no Mazibuko angene kweyakhe amhlale ezithendeni isifiso sakhe kwakungukubamba lomgulukudu bese ayasho ukuthi uthunywe ubani, ithele imoto yenkabi athele namaphoyisa. 

" I need a back up now vimbani umgwaqo ongena ngasesteshini ngigijimisa isigebengu lana kusho uMazibuko ekhuluma kuOver wemoto eyinyathela indiza. 

Kuthe uma esayilandela inkabi yamisa imoto yangena ehlathini, wafike wamisa imoto umazibuko wangena naye ephethe isibhamu ngesandla kuthe nje esabaleka inkabi ifike icashe ngasendaweni ecashile. 

" Kuyoba kuhle ukuth uzinikele engalweni yomthetho mfanawani ngoba kokubaleka okwenzayo kuyokwandisela amacala ugwetshwe isikhathi eside mfana kusho uMazibuko eqalaza elokhu ekhomba. 

Wathula nje inkabi isiphethe imbokodo ebuxakaxakeni bezihlahla. 

" Uzoboshwa eside isikhathi sigebengu ndini, ngikufuna uphila sathane uboshwe bese isikhiye silahlwa olwandle kusho uMazibuko ephenduphenduka ehlathini eputsha phansi kwezihlahla kuthe nje esalokhu ehamba wezwa ngemboko ekhanda wathekeka phansi kwawa isibhamu. 

" aaaaahhhh eishhhh aaaas kusho umazibuko igazi limpompoloza njengompompi isibhamu sawela phansi wasicosha iNkabi. 

" Uze ungaphinde ungene izindaba ongazazi kusho inkabi idedela inhlamvu ibhajwa ebuchoshweni kwaba ukushona kwaMazibuko. 

Yathi mayiqeda inkabi yashayela uMabizela

📲Ey baba angibange ngisakhona ukubulala uZwane iphoyisa liphazamisile langijaha ngalibulalela ehlathini sengilithukuse phansi komhosha mawungena ehlathini ngasekuqaleni kwezihlahla. 

📱Ewu kwakubi kodwa ke akusenani buya masinyane ungabanjwa ushintshe umgwaqo. 📲Kulungile baba Mabizela bye esho evala ucingo

" Ey Mbhekiseni icebo lethu aliphumelelanga kodwa ubukhali lomfana ngoba ukhonile ukubulala iphoyisa okusho ukuthi akukho bufakazi obumuholela kithi. 

" Awu kodwa madoda kodwa unenhlanhla nalomngani wakho nawe waphazamiseka sekusele kancane ucishe umshini kodwa akusenani layela uKhaya leso sidumbu ahambe ayophakela insimu yakho. 

" Usho uliphinde lelo ngane kamah.. beyisifile indlala insimu yami esho eshayela uKhaya emlayela isidumbu

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !