ISOKA LAMI 😊 73

1 Like = ❤️
0

ISOKA LAMI 😊 73


 Zihambe izinsuku usanele beno ntombenhle bethandana phela untombenhle wagcine evumile noma wayenalokho nje ukuthi udla uzinhle izithende njengoba no sanele engasayingeni eka zinhle usevele wathanda untombenhle kakhulu njengoba eseze alale emzini ka ntombenhle nje.*we sanele uyayenza kodwa into engangithe uyenze ngibuza ngoba angiboni mehluko nje la kodwa uyalala no ntombenhle uhlulwa yini ukuthola lemali yonke bese eyafa kusho uzinhle *cha usungumbulali ngampela zinhle eyyyy umuntu wasishada isigebengu kusho usanele*aybo Sanele nawe usufuna ukufa vele ulandele umfowenu usandile kubuza uZinhle*ngangazi ukuth ungcole kanje Wena uyazi usungaze ubulale umfwethu pho yin wawuthi untombenhle uzosala ehlupheka yini kusho usanele ebuka uzinhle Kabi ediniwe njengoba uzinhle ubesathi udedela ugesi wempama Ku Sanele wasibamba isandla usanele*ucabanga ukuth wenzani we zinhle lalela la ngikhathele uwena mina ungenza isyoyoyo Sakho La ngizokugxoba nje into engizoyenza yazi wawuqinisile mawuthi anibona abandawonye nino ntombenhle ayyy cha ngiyabona ungumdlwembe nje wena uhluke kakhulu kuno ntombenhle ave elungile yena futhi sala la kwakho ngisahamba futh ngeke ngibuye ngyaku ntombenhle angithi vele uwena owanginika imvume ukuth ngijole naye syajolake manje ohhh nakhu okunye angisoze ngatshotsha imali ya ntombenhle ngoba ngyamthanda kusho usanele ededela isandla sa zinhle ephuma ehamba wasala emangele uzinhle ukuth usanele Lo*yazini bayangijwayela Laba ngiya kubona ngyobaqonda kusho uzinhle ethatha isbhamu sakhe ephuma naye wafike esengena nezicabha emzini ka ntombenhle wabafica behleli wabakhomba ngesbhamu wathuka untombenhle*zinhle mtase mnganami ngyaxolisa ungayenzi leyonto ngizoyiyeka indoda yakho kusho untombenhle ekhala ethukile*thula sfebe thula kusho uzinhle ethetha*ima la emvakwami ntombenhle wena dubula angith wena ungumbulali ngidubule njengomft awambulala ngibulale zinhle kusho usanele esedinwe mawala untombenhle wavele wawa phansi


ISOKA LAMI 😊 P74

"Eyyyy akuwena uwashela umamthembu baba umah ekhona Phela baba ukhumbule ukuthi Wena usihlukumeze vele ungakathandani no mamthembu uyakhumbula noma wawenziswa ukuthi usuqonyiwe baba  kodwa umama ekhona ekhona umah baba mangicela into kuwena ubunginika Yini baba njengengane yakho cha baba ngicela uhambe futhi Kusho untombenhle esekhala lokhu okuxakile eseze wanesbibithwane
"Ntombenhle mta Kusho uzondi kwasho Kona ukuthi untombenhle useyosithela akasabonwa
"Baba ngicela uhambe untombenhle uzokhuluma Nawe bese eryt Kusho usandile njengoba ephuma nje ehamba uzondi usandile ahambe aye Ku Ntombenhle amfice uyakhala 
"Sthandwa Sami kuzomele ukhulume no baba wakho umxolele yena ukonile ukuhlukumezile kodwa ekugcineni ungubaba wakho futh usazomdinga kakhulu nawe kumele umuxolele nilungise izinto zenu nobabile ngathi uzimisele ngokushintsha futh nawe uyabona ukuthi bengazenzi benziwa idliso Kusho usandile ebamba untombenhle isandla
"Mawungazazi ukuthi ufuna ukuthini ngicela ungiphumele nawe la Kusho untombenhle ebuka usandile
"Enhle ngiyazi kunzima osudlule kukho ngenxa ya baba wakho Kodwa uzomdinga sthandwa Sami kuzomele Kube uyena ozosinika izibusiso njengoba ngizokuthatha ngokusemthethweni uyena okufanele akumele kumalobola akho ngicela uyicabange Kahle lento sthandwa Sami Kusho usandile ephuma asale untombenhle akhale aze azumeke alale kuze kuse ngakusasa avuke amehlo evuvukele alungiselela ukuya ecaleni la mamthembu njengoba betatazela bonke beya khona baqeda baphuma bangena ezimotweni bahamba Baze bafika enkantolo njengoba Bethe bengena babona uzondi ese side ni elilahla umamthembu Lo ongunkosikaz wakhe njengoba untombenhle emdlula engathi akamboni nje eyohlalela kude kunaye amlandele usandile afike ahlale eduze kwakhe bahlala phansi nabazali ba sandile sekulindelwe ukuthi piqale icala umamthembu ume phambili ebhokisini ulokhe ekhale njalo bandla uyabona ukuthi no Zondi ngathi umjikele impela njengoba ehleli ngakulabantu abamlahlayo nje

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !