ISOKA LAMI 😊 P71

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI 😊 P71


"Akubalulekile Bbe lolucingo Kusho usandile eluvala
"Ayyyy okay ngicela ukuba ngedwa ngifuna ukulala Kusho untombenhle njengoba emqabula esphongweni usandile ephuma kusejele umamthembu ulokhe ekhale njalo useze waba nesbibithwano uyazisola ngayo Yonke lento yokuthanda imali njengoba befuna kufe untombenhle khona ubuhle ezoshadela ebukhosini bese umbulala Kahle no Zondi uyazisola ulokhe eskhihla lapho uzondi ubesapholisa ikhanda ephuza njengoba kungena amadoda amabili amqukula ayomfaka emotweni ehamba naye


"Ningisaphi ngicela ningangibulali bandla ngyanicela ngizoninika noma engabe imalini enifunayo Kusho uzondi ekhala kodwa azithulela nje lamadoda angaphendula lutho ayishaya imoto 
"Ngiyanicela bamfwethu ningangibulali Kusho uzondi ebona ukuthi ihamba ngampela imoto encenga bandla 


"Mamba awubophe loyo lomlomo wakhe omanzi ngathi akakwazi ukuthula Kusho enye yalamadoda njengoba umamba edonsa indwangu embopha umlomo ubusalokhu ekhale njalo uzondi njengoba imoto ecezuka ingena ngomgwaqo owubhuqu nje ikhuphuka njalo ize iyoma esangweni lalapha abeze khona njengoba kuphuma ithwasa ne bhakede elinentelezi yokugeza lifike libanike Lona


"Uthe ubaba ucela ukuthi biqale ezansi emfuleni niyogeza lomuntu enihamba naye Kusho ucc oyithwasa nangampela ahambe amadoda aye emfelen afike angakhulumi lutho futh amkhumule amfake emanzini qede bambhunyele ngalentelezi wagqasha ezwa ukuncinza kwayo uzondi ephaphatheka eyozifaka emanzini njengoba bemkhipha nje bemqhuba beyomfaka kulomuzi lapho omamba abahlek nhlobo abamncengi futhi njengoba elokhe ezikhwibhe njalo nje uzondi bathe bengena nje kulendlu enalomuntu

oyinyanga wabhonga kakhulu 
"Ningambamba nimqinise bese niyamkhamisisa khona ezophuza lomuthi njengoba enza njalo lamadoda yize ezama ukubhilita uzondi kodwa kwasho Kona ukuthi ubanjwe amadoda ayikhondlakhodla uqobo njengoba lomuntu emphuzisa umuthi ongangenkomishi ewugwinya bandla ingekho nento angayenza usethobela umthetho bandla uzondi

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !