ISOKA LAMI😊 P75

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI😊 P75


Lingene ijaji basukume abantu lihlale phansi bahlale phansi nabantu njengoba livula I docket la mamthembu nje limubuka


"Ntombizonke Mthembu ulapha ngamacala okubulala abantu ababili okubalelwa indodakazi yakho Kanye uNobuhle Mthembu Kanye nomfowenu uZakhele ngabe uyawavuma lamacala noma uyawaphika kubuza ijaji inkosi yenkantolo 


"Nkosi Yami cha angiwavumi lamacala engibekwe Wona Kusho umamthembu ebheka phansi 


"Okay ngabe njengoba uthi uyawaphika ngabe ubani obulale labantu ngoba njengoba uwaphika nje uyamazi umuntu ongumbulali kubuza ijaji


"Ehhh ehhh umbulali untombenhle Zondi uyena ongumbulali ngoba mina ngangena endlini ingane Yami Kade ihleli naye kodwa ngangena isikhihliza amagwebu ngomlomo ngathi mangiphuthuma esbhendlela washonela endleleni umtanami ngathi mangibuya endlini ngabe sengifica yena futh untombenhle esebulele u mfowethu uzakhele Nkosi Yami Kusho umamthembu ehubha aluhlaza amanga lawa


"Njengoba uthi wafica indodakazi yakho isikhihliza amagwebu Wena wawukephi kubuza ijaji


"Ngangikhona endlini kodwa ngisekamereni ngikhuluma nomnyeni wami efonini Kusho umamthembu


"Ngabe untombenhle ukhona la kuze ezoziphendulela kubuza ijaji


"Yebo ukhona khona la Kusho umamthembu njengoba ijaji licela licela untombenhle asondele azoziphendulela nje nangampela asondele untombenhle njengoba ebuka umamthembu nje afike amiswe ebhokisini lakhe naye njengo msolwa


"Ntombenhle ngabe lamacala ashiwo umamthembu uyavuma Na kubuza ijaji
"Cha angiwavumi Nkosi Yami Kusho untombenhle 


"Ngicela usichazele ukuthi kwenzekani Ntombenhle Kusho inkosi yenkantolo


"Ehhh into eyenzeka ngangingekho ngikubo kwe boy friend Yami ngizobuya ngalo lolosuku ngabuyake mangifika kwaryt sakhuluma no Buhle exolisa indlela asengiphathe ngayo Kabi benomawakhe Lo Waze wathi kuze ngibone ukuthi uyaxolisa engangifela nokungifela ngoba wayelazi yena icebo lamawakhe wapheka umamthembu wasiphakela Kanti okwami ukudla ukufake usheve wasinika Kanti ubuhle uzongiphuca okwami ukudla kudliwe

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !