ISOKA LAMI😊 P54

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI😊 P54


kuse ngakusasa undlovu no mandlovu bavuke bahambe balubangise Kwa Nongoma enkosini u Zulu njengoba befika ekhuluka besangena nje


"Ndabezitha,Mageba,Sthuliskandaba sikhulekile Kusho undlovu besasemnyango
"Hau Zingelwayo ngenani savakashelwa yinin namhlanje kwenzenjn Kusho uzulu
"Niyaphila kodwa ebukhosini Mageba kubuza undlovu


"Syaphila Zingelwayo ehh Nkosikazi awenze itiye sixoxe sibe siphuza nakhu sivakashelwe abantu abakhulu esho esukuma umazulu eyokwenza itiye ebuya nalo elibeka phambu kwabo


"Ehhh mageba size nodaba olubucayi laykhaya namhlanje kusho undlovu ethatha itiye
"Yah ndoda enkulu ngilalele Kusho uzulu
"Njengoba sengishilo nje size ngodaba lengane yakwa Zondi yakhona la endaweni le ephuma esbhedlela esanda kushonelwa umama wayo njengoba bangenelwa abantu nje endlini badubula Kusho undlovu Phela bese elwazi lonke udaba 


"Ohhh yah usho untombenhle mmmh yabuthwala ubunzima leyongane unina wayo efihlwa ingekho isesbhedlela mmmh namaphoyisa alahla ubufakazi Manje Ndlovu uthi untombenhle usenzeni Manje kubuza uzulu


"Eyyy Zulu untombenhle ngikhuluma nje ngimshiye emzini wami le eNkandla into esilethe lapha ukuthi ithe lengane ibuya esbhedlela nje yathathwa umama wakhona la endaweni umamthembu wathi izohlala kwakhe njengoba eseshade no yise wayo nje ithe ibuya esbhedlela yanziwa isigqila kulelokhaya ayi isigqila nje kuphela nokuthi bisizokwenziwa isigqila socansi lwabhuti wakhona kamamthembu kodwa yakwazi ukuthi iphinyike ibaleke ilaphoke isixhumana nomfana wami usandile ngoba ngathi bayazana wabe eseza nayo ekhaya

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !