ISOKA LAMI😊 P57

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI😊 P57


uthe nje ephuma ekameren la Ntombenhle umandlovu waphambana no sandile ezongena kulona ephethe okharabhekhe abaw2
"Hau mAh kusho usandile ehleka
"Ungizwe ngithini nje mfana wami Kusho umandlovu eqhubeka nendlela yAkhe ehleka naye
"Sthandwa Sami ngabe uphatheke Kahle njengoba bengisaphumile nje kubuza usandile
"Kahle kakhulu sthandwa Sami umama wakho bezongitshela ukuthi kusasa ekuseni Siya enkosini yangasekhaya nje Kusho untombenhle
"Ohhh ayyyy ngyezwa Bbe ngikuphathele something la vula ubone Kusho usandile enika untombenhle lezikhwama zamaphepha aziphethe avule lesi esikhulu wakhipha ingubo Kanye nezicathulo eziphakele kancane zohlobo oluphambili
"Hau Sandile kwaze kwakuhle mmmh ngyabonga sthandwa Sami Kusho untombenhle ehaga usandile
"Ayikho inking sthandwa Sami Phela ngifuna ukuthi mawufika lapha kusasa kucace vula nalana Phela bbe Kusho usandile emoyizela esho edonsa untombenhle evula 
"Haweeemah Sandile kodwa besingekho isidingo sayo Yonke lento wow ngyabonga Kusho untombenhle ekhipha umakhalekhukhwini omusha Sha owuhlobo lwesmanje ejabula
"Phela kumele ngikuthole nje mawungekho eduze kwami sthandwa Sami sixoxe nje Kusho usandile
"Wow angaz yazi ukuthi ngingabonga ngithini Kusho untombenhle ehaga usandile futhi
"Ngicela ungilinganisele sthandwa Sami Phela ngibone umuntu wami kodwa ngiyazi vele izokufanela lengubo Kusho usandile nangampela ayolinganisa untombenhle mmmh imfanelani ingubo yAkhe ngathi ubekhona iyothengwa nezicathulo zakhe
"Mmmh mmmh sthandwa Sami ngathi yakhelwe kuwena Waze wamuhle muntu wami Kusho usandile esukama emubamba beqabulane kwavele kwamemeza umandlovu 
"Sandile Ntombenhle kulungile ukudla wozani sizodla kumemeza umandlovu nangampela baphume bafike bahlale etafuleni kuphakwe kudliwe bathe besadla nje kwangqongqoza umuntu emnyango wasukuma usandile eyobheka
"Nandi ubekwa Yini la ufunani Lana kubuza usandile ekhulumela phansi
"Ohhh iqiniso ukuthi Wena usuhlala nentombi la Kini Kusho unandi ebuka usandile


You have to wait 45 seconds.

Generating Next Part...

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !