ISOKA LAMI 😊 P64

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI 😊 P64

bangena endlini nje bayaxoxa umamthembu no zakhele Kanye no Buhle
"Mxm bangikholwake bandla nabantu mangithi untombenhle ngizomphathisa kwengane Yami ayibo kephi khona ngoba usezofa nje ngikhuluma nje ukhona nomuthi engizomfakela Wona ekudleni kwakhe nje kusasa lokhu okusayo ngizopheka nje ngibe nice kuyena Kanti useyafa Kusho umamthembu


"mAh mina ngibona kuncono ukuth simyeke untombenhle mAh aphile impilo efana neyezinye izingane Nawe uyabona ukuth kuzicacele nje untombenhle uyathandwa kuloyamuzi futh mina angifuni ukubulawa ngisathanda ukuphila mokuthi Wena ma uqhubeka nalokungcola kwakho qhubeka wedwa mina ungangifaki angisafune lutho nje Kusho ubuhle


"Ukhuluma ngokungcola Buhle Kahle Wena mina angilizalanga igwala Yini ube yigwala kanje lalelake untombenhle uzofa kusasa lokhu ukusayo uyathanda nona awuthandi Kusho umamthembu 


"Ngicela ungangifaki mina lapho wema mawenza lokuthakatha kwakho okushukuthi kumel ngizitshele nje ukuth anginamah mina Kusho ubuhle


"Ukhuluma nami kanjalo Kusho umamthembu emshaya ngempama 
"mAh ungishayelani kubuza ubuhle ebambe isihlathi sakhe kwehla nezinyembezi
"Eyyyy lalela la webuhle konke lokhu engikwenzayo ngikwenzela Wena ungazokhuluna amasimba la njengoba sengishilo nje untombenhle uyafa kusasa Kusho umamthembu eqeda asuke ayolala umamthembu balale kuse ngakusasa njengoba nontombenhle esevukile nje elungisela ukuhamba eya kamamthembu okuyena ozohlala naye 


"Khululeka sthandwa Sami uzophila Kahle yabo njengoba uqinisiwe nje izolo ayikho into ezokwenzeka kuwe Kusho usandile Phela uyabona ukuth untombenhle akekho ryt ngokubuyela laphana


"Ngiyakuzwa sthandwa Sami kulungile sesingahamba Kusho untombenhle nangampela baphume bavalelise kubazali basandile baphume bahambe Baze bafike ka mamthembu wamshiya usandile wabuyela emuva wangena untombenhle
"Hau ibuyile ingane yasebukhosini Kusho umamthembu 


"Sanibona Nonke kubingelela untombenhle
"Unjn cc kubuza ubuhle axakeke no Ntombenhle ukuth Waze waryt Bo ubuhle


Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !