ISOKA LAMI😊 P68

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI😊 P68


untombenhle asuke afonele amaphoyisa Phela khona ezoza ezolanda nangu umamthembu Lo olokhe ekhala evika ubala njengoba omakhelwane besho ukumqeda nje vakokuba babone le video ethathwe untombenhle akathathanga skhathi afika amaphoyisa amthatha umamthembu ayomvalela ngaphakathi Njengoba icala lakhe lizoba kusasa nje untombenhle afonele no sandile


"📲 Hallo Sandile unjn
"📱 Ngyaphila unjn Wena 
"📲Eyyyy angikho nje ryt phela cishe ngafa ngikhuluma nje ubuhle akesekho emhlabeni Kanye no zakhele umalume wakhe babulawe umamthembu NGO shevu Kade ethi ubulala mina Kanti ukudla kwami kuzodliwa ubuhle kusho untombenhle


"📱Hau bese Kunjalo Bbe kodwa ungakhathazeki angithi Wena awuthintekanga futhi bungeke uthinteke njengoba uqinisiwe nje Kusho usandile


"📲Yah ngyakuzwa ngizobuye ngifone ngisafuna ukufonela no baba ngimazise ngalento kusho untombenhle 


"📱Okay ayikho inkinga sthandwa Sami bye Kusho usandile evalelisa
Akachithanga sikhathi untombenhle njengoba eshayela ubaba wakhe nje


"📱Awu kaze usuwenzeni Ntombenhle Nkosi Yami Kusho uzondi ebamba ifoni


"📲Kanti lutho Nondaba ngikufonelela ukulwazisa ukuthi indodakazi yakho oyithanda ukubhubha ayisekho emhlabeni Kanye no zakhele umkhwenyana wakwakho owangilobola naye akasekho emhlabeni Kanti umkakho yena ungaphakath ejele ngokubulala labantu Kanti Nawe uyalandela methola ithuba lomfazi wakho Kusho untombenhle


"📱We Ntombenhle Wena usuwenzeni usukhethe ukuvele ubabulale ngyabuya lapho ngifuna ungichazele Kahle ukuthi ubabulele kanjani labantu Kusho uzondi ediniwe


"📲 Kanti lutho we Zondi angeke ngikuchazele lutho uma ufuna izincazelo uboya kumfazi wakho lapha ejele mina bengikufonela ngoba ngikwazisa ukuthi izithandwa zakho azisekho kuphela bye bye Kusho untombenhle evala ifoni uthe esanda kulivala ucingo kwafona uzinhle umnganakhe


"📲 Mnganami uryt kodwa ngiyezwa ngokwenzeke kulomuzi ohlala kuwo ngabe Wena ukahle kubuza uzinhle ethukile


"📱Khululeka mngani wam mina ngingumqemane uphile saka

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !