ISOKA LAMI😊 P69

1 Like = ❤️
0

 ISOKA LAMI😊 P69


uthe untombenhle eqeda ukukhuluma no Zinhle efonini wezwa nge hoot ngaphandle mephuma u Sandile


"Hau sthandwa Sami Kade ngikukhumbule yazi Kusho untombenhle ezohaga usandile
"Uryt kodwa sthandwa Sami kubuza usandile
"Ngiryt Bbe uthe engaqeda kudedela usandile untombenhle kwaqhamuka uzondi Phela emvakokuthi untombenhle amfonele emtshela lezinto ezenzekile wangapholisq Maseko wacela ensebenzini ukuthi abuye eze ekhaya 


"Ohhh Yona into eyenze ukuthi ubulale ubuhle no Zakhele khona kuzoboshwa umkami Kube engath uyena obulele labantu khona Wena uzoba busy namadoda la Kusho uzondi ethetha engena esangweni Njengoba omakhelwane bebabaza nje ukuthi Kanti lobaba wabanjn


"Baba ngenkulu nje inhlonipho nokuzithoba angisiye mina umbulali futh ukube ngitholakale nginecala ngabe angikho la ngabe ngivalelwe phaphama baba usanethuba ngoba Nawe uyalandela la Kusho untombenhle ngomoya ophansi


"Thula ntombenhle ngoba wazi Kahle ukuthi ubenzeni angithi nakhu Wena ujola nama blesser Manje usuhamba ngezimoto ezinje ungaboshwa kanjn ngoba okushukuthi lelisokana lakho leli lino connection namaphoyisa kodwa mina ngeke ngivume nje kanjalo ukubulawelwa indodakazi Yami ubuhle futh umkami uzophuma lapha ngoba akuyena okufanele ukube ulapha uwena skhohlakali sengane umamthembu akakalali nokulala nje estokisini kodwa Wena usufaka amadoda la mmmh ntombenhle umfuze wangamshiya unyoko wakho ngobufebe Kusho uzondi eyongena endlini


"Baba ngicela uhlukane no mama ngoba umah akayazi Yonke lento oyishoyo kunalokho uwena ubufebela umama ngicela uhlukane naye alale ngokuthula ngoba Vele wahluleka isho ukumzilela eshonile wahamba wayoshada umuntu ongakuthandi ofuna ukukubulala Kusho untombenhle ediniwe elandela ubaba wakhe ngemuva


"Yangena impama evuthayo kuntombenhle yazi unkulunkulu uvele athathe abantu abalungile abahloniphayo ashiye izidwedwe nje izinto ezingamazi umuntu omdala Kusho uzondi ededela inye impama kuntombenhle
"Anginandaba noma ungangishaya Vele iqiniso liyababa

Tags

Post a Comment

0Comments

Post a Comment (0)

#buttons=(Accept !) #days=(20)

Our website uses cookies to enhance your experience. Check Now
Accept !